Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 7:38
UMoya ONgcwele
4 Izinsuku
Ngesikhathi sePhentekoste, uMoya oNgcwele wanikelwa abafundi bakaJesu, lase lazalwa ibanla. Baningi abantu abanemibuzo ngoMoya oNgcwele. Kulolu hlelo lokufunda kosuku lwesine, uzofunda ngoMoya oNgcwele namandla akhe okuguqula izimpilo zamakholwa.
Akukho Okufanele Ukufakazele
izinsuku ezingu 5
Ingabe ukhungethwe ukukhetha, okulindele, nezingcindezi, uzama ngakho konke okusemandleni akho ukukala—kodwa usazizwa sengathi ulahlekelwa indawo futhi uphuthelwa izingxenye ezinhle kakhulu zempilo yakho? Awuwedwa. Njengoba ungena eqinisweni elivuselelayo lempilo engaphezu kokwanele uJesu ayinikezayo, uzozwa inkululeko eza kulabo abazimisele ukuthola lokho uNkulunkulu angakwenza ngomphefumulo omthanda ngokuphelele.
Nkulunkulu, Ukuphi?! No-John Bevere
Izinsuku ezingu-7
Ingabe uzizwa ulahlekile ngesikhathi sobunzima, uyazibuza, “NKULUNKULU, UKUPHI?!” Kulolu hlelo oluvula amehlo, umbhali othengisa kakhulu uJohn Bevere ukuhlomisa ngemininingwane ebalulekile yebhayibheli nezindaba ezijulile ezizokusiza ukuthi uhlole izinkathi zakho zonyaka ezomile noma ezinzima futhi ungene kukho konke uNkulunkulu akuhlelele khona.
Ukukholwa
Izinsuku eziwu 12
Ingabe ukubona kusho ukukholwa? Noma Ukukholwa kusho ukubona? Lena yimibuzo yenkolo. Loluhlelo lunikeza ukufunda okujulile ngokholo - kusukela kwizindaba zetestamente elidala ngabantu bangempela ababonisa isibindi sokholo ezimweni ezinzima kuze kufike ezimfundisweni za Jesu ngaloludaba. Ekufundeni kwakho, uzokhuthazwa ukuthi uqinise ubuhlobo bakho no Nkulunkulu nokuthi ube ngumlandeli wa Jesu othembekile.
Ukuhamba Nojesu
Izinsuku ezingu-14
Uyafuna ukufunda incazelo yensindiso, ukuphila impilo egcwele uMoya, ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ubudodana, ukufana noKristu, ukwesaba uNkulunkulu, ukuphila okunqobayo, ukuvuselela ingqondo, ukukhululwa, nokubuyiselwa?
Izinsuku ezingu-21 Zokuchichima
Izinsuku ezingu-21
Ohlelweni Lwezinsuku Ezingu-21 Zokuchichima IUhlelo lwe-YouVersion, u-Jeremiah Hosford uzothatha abafundi ohambweni lwamasonto amathathu lokuzithulula, begcwaliswe ngoMoya oNgcwele, futhi baphile impilo echichimayo, egcwele uMoya. Sekuyisikhathi sokuyeka ukuphila ngendlela evamile futhi uqale ukuphila ukuphila okuchichimayo!
Ukubalwa KukaKhisimusi
Izinsuku ezingu-29
Uyemukelwa Kukhalenda Yomsebenzi Wezinsuku ezingama-28 we-Thriving Family! Ungaphuthelwa yileli thuba lokuhlola incazelo yangempela kaKhisimusi futhi nisondelane ndawonye njengomndeni! Le misebenzi yomzali nengane yenzelwe ukukusiza ugcine le nkathi kaKhisimusi igxile kuKristu!