Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 15:2

Uyathandwa
Izinsuku eziwu 4
uNkulunkulu uyakuthanda. Noma ngabe ungubani, noma ngabe ukuphi empilweni yakho, uNkulunkulu uyakuthanda! Kule nyanga, lapho sigubha uthando, ungakhohlwa ukuthi uthando lukaNkulunkulu kuwe lukhulu kunalo lonke olunye uthando. Kulolu chungechunge lwezinsuku ezine, gxila othandweni lukaNkulunkulu.

Ngikhungathwe Izibusiso Zami (Ingxenye 1)
izinsuku ezingu 5
Isikhuthazo komama esivela kumama owethule izingane zakhe ezingu-7 futhi waphila ukuze azixoxele ngakho. Lokhu kuyingxenye 1 kwezingu-12 zokuzinikela kulolu chungechunge oluvela kuRobin Meadows!

Wonke Umuntu Ufuna Ukunqoba Kodwa Akekho Ofuna Ukulinda
izinsuku ezingu 5
Ngalokhu kufunda kwansuku zonke okuphelele, funda ukuthi ungalinda kanjani isikhathi sikaNkulunkulu kuzo zonke izici zokuphila, kusukela ekuphulukiseni kuya ebudlelwaneni. Thola ukuthi ungasisebenzisa kanjani ngokugcwele isikhathi sokulinda futhi uthandaze ngokwentando kaNkulunkulu. Lokhu kuzinikela kusekelwe kokuthi Wonke Umuntu Ufuna Ukunqoba, Kodwa Akekho Ofuna Ukulinda ebhalwe ngu-Marcus Gill.

Konke Kuzolile: Ukuthola ukuphumula kukaJesu kuloKhisimuzi
izinsuku ezingu 5
Isikhathi senjabulo, futhi isikhathi sokubamatasa. Thatha umzuzwana wokuphumula nokudumisa ozokugcina ngalesisikhathi senjabulo nentsebenzo. Loluhlelo lokuzinikela lusekelwe incwadi ethi Unwrapping the Names of Jesus: An Advent Devotional, loluhlelo lokufunda lwezinsuku eziwu-5 luzoba umhlahlandlela wokuthola ukuphumula kukaJesu kuloKhisimuzi ngokuthatha umzuzwana woku khumbula ubuhle bakhe, ukuveza izidingo zakho, nokufuna ukuthula kwakhe, futhi uthembe ukwethembeka kwakhe.

Injabulo Ngaphezu Kwengcindezi: Indlela Yokwenza Injabulo Ibe Umkhuba Wansuku Zonke
izinsuku ezingu-6
Sicindezelekile. Isiko lisitshela ukuthi silwe nokucindezeleka kwethu ngokujaha umzuzu wenjabulo olandelayo. Kodwa iBhayibheli lisinikeza isithombe esehlukile. Lolu hlelo lwezinsuku eziyisithupha luzokukhombisa ukuthi ungalwa kanjani nokucindezeleka kwakho kwansuku zonke ngokwenza umkhuba ngenjabulo yeBhayibheli.

Abafundi BoMbuso NgoTony Evans
izinsuku ezingu-6
Abafundi boMbuso babiza amakholwa namabandla ukuthi babuyele emsebenzini wethu oyinhloko: ukuba nokwenza abafundi. Kuphela uma sikuthatha ngokuzimisela lokhu lapho umhlaba uyobona izulu lisebenza emhlabeni. Utony Evans ufundisa ukuthi kusho ukuthini ukuba ngumfundi wombuso—ikholwa kuKristu elibamba iqhaza ohlelweni lokuthuthuka ngokomoya lokufunda kancane kancane ukuphila impilo yonke ngaphansi kobukhosi bukaJesu Kristu. Uzolwamukela ubizo?

Umoya Ongcwele: Ingabe Siyavutha Noma Asishi?
izinsuku ezingu-7
Kukhona amandla ashukumisayo, avusa ukufa ngaphakathi kuwe. Umvangeli uReinhard Bonnke ukubhalele izimfundiso eziqinile ngoMoya oNgcwele futhi ukubhalele Amaphuzu Ashukumisayo Wamandla kuMoya oNgcwele. Lesi Sifundo Sezinsuku Eziyisi-7 sizobekela inselele ukucabanga kwakho ngoMoya oNgcwele futhi sikukhuthaze ukuba ukholelwe emandleni amangalisayo kaMoya ongaphakathi kuwe.

Ukuhlanzeka Okujulile: Ukuqeda Ihlazo, Imithelela Enobuthi, kanye Nokungathetheleli
Izinsuku ezingu-7
Kuthiwani uma kungadingeki silinde kuze kube yilapho sesifikile lapho sikhuluma khona lokho okuphukile ezimpilweni zethu? Njengoba nje sitshala imali ekuhlanzeni amakhaya ethu, yisikhathi sokumema uMoya oNgcwele ukuthi ahlanze izinhliziyo zethu. Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-7, sizothola ukuthi singawuyeka kanjani umthwalo ongokomzwelo osibuyisela emuva futhi osindayo.

Indlela Engcono
Izinsuku ezingu-7
Ingabe uke uzizwe sengathi wenza zonke izinto ezifanele ngayo yonke imiphumela engalungile? Mhlawumbe uzama ukuxhumana noNkulunkulu, kodwa uzizwa uqhelelene Naye kunangaphambili. Uma usonqenqemeni lokutubeka, lolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7, oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo yoMfundisi uCraig Groesschel, lungolwakho. Sekuyisikhathi sokuyeka ukusebenzela uJesu futhi uqale ukuhamba endleleni kaJesu.

Ukuthola Ukuphumula Ezweni Elimatasatasa
Izinsuku ezingu-9
Akukho ukuzulazula eqinisweni lokuthi siphila emhlabeni ojikelezayo njalo. Silangazelela ukuthula emiphefumulweni yethu - kodwa, ngokujwayelekile, lokho kuphumula okujulile kubonakala kungenakufinyeleleka kithi. Noma ingabe kunjalo? Ezinsukwini ezimbalwa ezilandelayo, ake sichithe imizuzu embalwa silunguza emzini kaMariya noMarta eBethaniya. Odade ababili ababethanda uNkulunkulu - kodwa babonisa lolo thando ngezindlela ezihluke ngokuphelele. Kusukela esenzakalweni esincane sikaLuka lapho uJesu evakashela odade ababili, kanye nezinye izingxenye zemiBhalo, masifunde ukuthola ukuphumula ngempela kuYe yedwa.

Ukukhulisa Ibandla Elinempilo
Izinsuku eziwu 10
Njengomfundisi, uchitha isikhathi esiningi uhola futhi ukhuthaza abanye, kodwa iBhayibheli linesikhuthazo ngawe, futhi. Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-10 lukuhambisa ezindleleni ezisebenzayo ezing-10 zokuqinisa impilo yebandla lakho ngokufunda ukuncika ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngamavesi amafushane kodwa anamandla kanye nomcabango ogxilile wosuku ngalunye, Ukukhulisa Ibandla Elinempilo kuyindlela enhle yokuthuthukisa isikhathi sakho somthandazo wansuku zonke.

Umnikelo Wakhe Omkhulu, Umsebenzi Wethu Omkhulu
Izinsuku eziwu 10
Hamba umgwaqo ohlukile oholela ePhasikeni kulo nyaka. Qala uhambo lwakho nezithunywa zevangeli zomhlaba wonke eMpumalanga Ephakathi futhi uzulazule ezindaweni ezibukwayo nemisindo ezokusiza ukuba ujabulele iPhasika ngombono omusha. Yizwa kabusha ukuthi kungani uJesu eze kulo mhlaba--ukuzosindisa imiphefumulo yesintu.

Ukulalela
Amaviki awu-2
uJesu uqobo wathi uma umuntu emthanda Yena uzolalela izimfundiso Zakhe. Noma kungathiwa kusho ukuthi kwenzakalani kithina, ukulalela kwethu kubalulekile kuNKulunkulu. Uhlelo lokufunda "ukulalela" lisihambisa lapho khona Imibhalo ikhulu khona ngokulalela: ukuba singayigcina kanjani ingqondo eqotho, umdlalo womusa, ukulalela kusikhulula kanjani kuphinde kubusise izimpilo zethu, nokunye.

Umhlaba Okhathele Uyathokoza - Uhlelo Lokufunda Lwe-Advent
Izinsuku ezingu-28
Ungalahlekelwa ukugxila kwakho ngenxa yenkathi kaKhisimusi—uJesu. Ukugubha i-Advent kuyindlela enhle yokugcina uKristu emaphakathi eholidini futhi kulolu hlelo lokufunda, uzothatha uhambo ngemiBhalo ukuze ukhulekele iNkosi yethu ngokufunda iBhayibheli nsuku zonke nangokuzinikela.

Umthelela Wenjabulo
Izinsuku ezingu 31
Ibhayibheli lisitshela ukuthi “ebukhoneni bakhe kukhona ukugcwala kwenjabulo” nokuthi “ukuthokoza kukaJehova kungamandla ethu”. Injabulo ayiwona nje omunye umzwelo; kuyisithelo sikaMoya kanye nesinye sezikhali ezingcono kakhulu kunqolobane yakho yokulwa nokudumazeka, ukudangala, kanye nokunqotshwa. Chitha izinsuku ezingu-31 ufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngenjabulo, futhi uziqinise ukuze ube umKristu ojabulayo ngokungenamibandela.