Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 15:16
Kristu uze kubo bonke
Izinsuku eziwu 4
Sikwakhele le nsiza ukuze usondele kuNkulunkulu mayelana nenkolelo yokuthi uKristu wezela wonke umuntu, ikakhulukazi wena!
Ngulunkulu, Uthini ngami?
izinsuku ezingu 5
Uma sizizwa sengathi sisemuva ngempilo futhi izwi lokuqhathanisa liya liphakama njengoba izinsuku zihamba, siyehluleka ukubona uNkulunkulu ehamba phakathi kwethu. Kukulezi zikhathi lapho ukholo lwethu lusetshenziswa kakhulu. Funda lokhu kuzinikela futhi ukhuthazeke ekulindeni kwakho uNkulunkulu.
Kungani Unkulunkulu Engithanda?
izinsuku ezingu 5
Imibuzo: Uma kuza ku Nkulunkulu, sonke sinayo. Ngokosiko lwethu lwendalo lokuthanda ukuqhathanisa izinto, Omunye wemibuzo ebaluleke kakhulu esizithola siwubuza ukuthi, "Ungithandelani u Nkulunkulu?" noma futhi, "Angakwenza kanjani lokho?" Emva kwesikhathi ukulolu hlelo, uzobhekana nezifundo ezingu 26 - ngasinye sikhuluma ngothando olungena kwenzelela akuthanda ngalo Nkulunkulu.
20/20: Uboniwe. Ukhethiwe. Uthunyelwe. Ibhalwe nguChristine Caine
izinsuku ezingu-7
Ungacabanga uzizwa ubonwa nguNkulunkulu kangangokuthi awukwazi ukuzibamba kodwa ubone abanye? Ungayibona ngeso lengqondo impilo yakho yansuku zonke, ejwayelekile inomthelela obalulekile waphakade? Lokhu kuzinikela kwezinsuku ezingu-7 okuvela ku-Christine Caine kuzokusiza ukuthi uthole ukuthi uNkulunkulu ukubone kanjani, wakukhetha, futhi wakuthuma kanjani ukuthi ubone abanye futhi ubasize bazizwe bebonwa ngendlela uNkulunkulu ababona ngayo—ngombono ka-20/20.
Ukuhlela indawo
Izinsuku ezingu-8
Ezweni elimatasa, kufanele senze indawo yezinto ezibaluleke kakhulu. Kumele sifunde ukusebenzisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okuyokusiza ukuba uhlanganise le misebenzi ekuphileni kwakho okumatasa. Kwezinye izimo, uyothola ukuthi wenza izinto ezingalungile. Noma ungase uthole ukuthi wenza izinto ezinhle ngesizathu esingalungile noma ngendlela engafanele, ngakho azinikezi ukuphila noma azinelisi.
Umnikelo Wakhe Omkhulu, Umsebenzi Wethu Omkhulu
Izinsuku eziwu 10
Hamba umgwaqo ohlukile oholela ePhasikeni kulo nyaka. Qala uhambo lwakho nezithunywa zevangeli zomhlaba wonke eMpumalanga Ephakathi futhi uzulazule ezindaweni ezibukwayo nemisindo ezokusiza ukuba ujabulele iPhasika ngombono omusha. Yizwa kabusha ukuthi kungani uJesu eze kulo mhlaba--ukuzosindisa imiphefumulo yesintu.
Ukulalela
Amaviki awu-2
uJesu uqobo wathi uma umuntu emthanda Yena uzolalela izimfundiso Zakhe. Noma kungathiwa kusho ukuthi kwenzakalani kithina, ukulalela kwethu kubalulekile kuNKulunkulu. Uhlelo lokufunda "ukulalela" lisihambisa lapho khona Imibhalo ikhulu khona ngokulalela: ukuba singayigcina kanjani ingqondo eqotho, umdlalo womusa, ukulalela kusikhulula kanjani kuphinde kubusise izimpilo zethu, nokunye.
121 ye-Advent
Izinsuku ezingu-24
Ukuzalwa kukaKristu, ukufika Kwakhe, kuphawula icebo likaNkulunkulu lokuhlengwa kwethu. KuKristu, sibona isithombe esigcwele sethemba likaNkulunkulu, ukuthula, injabulo nothando. Izwi likaNkulunkulu liyiqiniso esazi ngalo futhi sihamba Naye nsuku zonke. Sethemba ukuthi lo mhlahlandlela uzokhuthaza futhi wenze lula isikhathi sakho osichithwa eZwini futhi unikezele insiza yemindeni enezingane ukwenza lokho ndawonye.
Imizwa Engcwele - Izimpendulo ZeBhayibheli Kuzo Zonke Izinselelo
Izinsuku ezingu 30
UNkulunkulu wakwenza futhi wakubeka ngalomzuzu wesikhathi, ukuba uthande abangathandeki, ubonise ukuthula esiphithiphithi, futhi ubonise injabulo yokudela kuzo zonke izimo. Lokhu kungase kubonakale kungenakwenzeka, kodwa ungakwenza lokhu ngokufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngemizwa yakho engokwemvelo yomuntu nendlela yokuyilawula. Le nkonzo ihlanganisa izinselelo ezijwayelekile futhi kwesinye isikhathi ezimangalisayo esibhekana nazo nsuku zonke, futhi inikeza izinkomba zeBhayibheli zokuthi ungayilawula kanjani imizwelo yakho ngendlela kaNkulunkulu.