Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaJohane 11:11
Ukukhombisa Uzwelo
izinsuku ezingu 5
Uzwelo lusivumela ukuthi sibone izidingo zabanye, futhi lulethe ithemba nokukhululeka ezimpilweni zabo. Ngokujwayelekile, singase sibhekane nobunzima bokubonisa uzwelo. Ngenhlanhla, sinesibonelo esihle: kulolu Hlelo. Sizobheka ukuthi iBhayibheli lithini ngozwelo, nokuthi singakhula kanjani kokwethu ukuze sibe izandla nezinyawo zikaJesu.
Usizi
izinsuku ezingu 5
Usizi luke luzwakale engathi alubekezeleleki. Nakuba abangane nabomndeni abanenhloso enhle besekela futhi bekhuthaza, sivame ukuzwa sengathi akekho owaziyo ngempela- engathi sisodwa ekuhluphekeni kwethu. Kuloluhlelo, uzothola imiBhalo eduduzayo ekusiza ukuba uthole umbono ovela kuNkulunkulu, uzwe ukukhathazeka kakhulu koMsindisi wakho, futhi uthole ukukhululeka ebuhlungwini bakho.
Imizwa
Izinsuku ezingu-7
Iningi lethu lizama ukugwema noma ukungayinaki imizwa yethu. Singaze sizibuze ukuthi ukholo nemizwa yethu kuyizitha yini. Kodwa ngesikhathi esemhlabeni, uJesu wezwa imizwa ejulile. Akazange abe kude nathi. Unathi—ngisho nasemizweni yethu. Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Eziyisi-7 oluhambisana nochungechunge lukaMfundisi Craig Groeschel, Emotions, sizobheka ukuthi uJesu waphila kanjani ukuze sithole ukuthi imizwa yethu ingakhulisa kanjani ukholo lwethu.
Ukwenza Okujwayelekile Kubengcono
Izinsuku ezingu-7
Phakathi nenhlekelele nokungaqiniseki, abaningi bethu balangazelela ukubuyela esimeni esijwayelekile. Kodwa kuthiwani uma kuyisikhathi sokudala okujwayelekile kangcono kunalokho? Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-7, sizothola ukuthi singayeka kanjani ukufuna ukulawula futhi siqale ukufuna uNkulunkulu.
Ukungabaza uNkulunkulu
Izinsuku ezingu-7
Kuthiwani uma ukungabaza kungekona okuphambene nokholo kodwa kuwumnyango oya ekukholweni okujulile? Kulolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7 oluhambisana nochungechunge lwemiyalezo kaMfundisi Craig Groeschel, Ukungabaza uNkulunkulu, sizothola ukuthi ukungabaza akukwenzi umKrestu omubi. Eqinisweni, kungase kube isithako esidingekayo ekusenzeni abafundi.