Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJakobe 4:6
Ngikhungathwe Izibusiso Zami (Ingxenye 1)
izinsuku ezingu 5
Isikhuthazo komama esivela kumama owethule izingane zakhe ezingu-7 futhi waphila ukuze azixoxele ngakho. Lokhu kuyingxenye 1 kwezingu-12 zokuzinikela kulolu chungechunge oluvela kuRobin Meadows!
Lapho Udeveli Engqongqoza
izinsuku ezingu 5
Lapho udeveli engqongqoza, awukuzwa njalo. Kunjalo? Uvele anyonyobe emnyango ovuliwe. Ungumkhohlisi, umbhubhisi, nommangaleli ozokwenza noma yini ukufihla uthando neqiniso likaNkulunkulu. Wayengafuni ukuthi kubhalwe lolu hlelo lweBhayibheli lwe-Life.Church, futhi akafuni neze ukuthi wena noma i-LifeGroup yakho niyifunde. Kodwa leyo ngenye impi uNkulunkulu asezoyinqoba.
Ngikulindile Lapha, Uhambo lweThemba oluzayo
Izinsuku ezingu-7
Lesi isikhathi sokulindela nokulungiselela. Hlanganyela nomfundisi kanye nombhali wezinwadi uLouie Giglio ohambeni lokulungiselela nokuqonda ukuthi ukulinda akukhona ukuchitha isikhathi uma ulinde kuJehova. Thatha lelithuba ukwembuleleka ngethemba elikhulu elitholakalayo ekuthatheni isikhathi sokulinda. Ezinsukwini eziyisikhombisa ezizayo uzothola ukuthula nokuvuseleleka emoyeni wakho usalangazelele umgubho omkhulu!
Ukuphila Kushintshile: Umama KuMama
Izinsuku ezingu-7
Ukuba ngumama kuyindima ezuzisa kakhulu esiyoke siyidlale, kodwa indlela eya ekuben ngumama iyinselelo. Kugcwele ukungazethembi, izilingo, izikhathi zokuthobeka, namathuba okuthembela kuNkulunkulu. kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-7, omama abayisikhombisa abavela ezigabeni ezahlukene zempilo babelana ngolwazi lwabo nokuhlakanipha okulwe kanzima mayelana nokuba ngumama.
Yilwa Imfundiso yamadoda
Izinsuku eziwu 11
UMbhali owuMfundisi uCraig Groeschel usiza amadoda ukuba ambulekelwe ukuthi empeleni wona angobani —indoda eyiqhawe elinamandla. Lolu hlelo lwezinsuku ezingu-11 lubheka ukuphila kukaSamsoni—indoda enamandla kodwa ebuye ibe nobuthakathaka obusobala. Kulwele lokhu uNkulunkulu akwenze waba yikho. Ungalwi njengendoda ejwayelekile. Yilwa njengendoda kaNkulunkulu.
Zila ukudla njengo Daniyeli
Izinsuku ezingu-21
Angikuthandi ukuzila ukudla! Masikhulume iqiniso; akukho lutho olujabulisayo ngokuzincisha ukudla okuthandayo nempilo enethezekile oyijabulelayo. Kungenzeka ngingakuthandi ukuzila ukudla, kodwa ngiyayithanda imiphumela. I-Daniel Fast ISHINTSHE IMPILO YAMI! Uma uzibophezela ekuzileni ukudla futhi ulandele lolu hlelo, luzoshintsha nolwakho. Masimvulele uNkulunkulu indawo kulolu hambo olumangalisayo njengoba sizila NjengoDaniyeli.
Izinsuku ezingu-21 Zokuchichima
Izinsuku ezingu-21
Ohlelweni Lwezinsuku Ezingu-21 Zokuchichima IUhlelo lwe-YouVersion, u-Jeremiah Hosford uzothatha abafundi ohambweni lwamasonto amathathu lokuzithulula, begcwaliswe ngoMoya oNgcwele, futhi baphile impilo echichimayo, egcwele uMoya. Sekuyisikhathi sokuyeka ukuphila ngendlela evamile futhi uqale ukuphila ukuphila okuchichimayo!