Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne EkaJakobe 4:14

UNKULUNKULU + IZINJONGO: Uzibeka kanjani izinjongo njengo Mkrestu
izinsuku ezingu 5
Ingabe kulungile ukuzibekela amagoli njengo Mkrestu? uzokwazi kanjani ukuthi igoli lisuka ku Nkulunkulu noma kuwena? Abukeka njani amagoli omkrestu? Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezi-5, uzojula eZwini bese uthola uhlaziyo nokuqondiswa ngokubeka amagoli anomfutho woMusa!

Ukubhekana Nokungaqiniseki
izinsuku ezingu 5
Ingabe impilo izwakala ingalawuleki? Ezweni eliguquguqukayo eligcwele ukungaqiniseki kwezombusazwe, ezomnotho, nezenhlalo, ukulwisana kanjani nokukhathazeka nokwesaba? Uphila kanjani ngesibindi futhi ubambelele ethembeni? Kulolu Hlelo lwezinsuku ezingu-5, thola izindlela zeBhayibheli ezingu-3 zokuthola isibindi lapho ubhekene nokungaqiniseki, futhi ufunde ukuthi ungazihlanganisa kanjani nesimiso sakho sansuku zonke.

Izimiso Zokusebenzisa Isikhathi Ezivela Ezwini LikaNkulunkulu
Izinsuku ezi-6
Ingabe ukhungathekile ukuthi akusekho ngaphezu kwamahora angu-24 ngosuku? Ingabe ukhungethwe inani lamaphrojekthi ohlwini lwakho lwezinto okufanele uzenze? Ingabe ukhathele ukukhathala nokungabi naso isikhathi esanele sokusichitha eZwini likaNkulunkulu nabangani bakho nomndeni wakho? Lokhu kungase kube yimizabalazo ejwayeleke kakhulu emhlabeni. Izindaba ezinhle ukuthi iBhayibheli linikeza izimiso ezicacile zokusiphatha kahle isikhathi sethu. Lolu hlelo luzochaza ngaleyo miBhalo futhi lunikeze izeluleko ezisebenzayo zokusebenzisa ngokugcwele isikhathi osisele kule mpilo!

Ukulawula Isikhathi Saphezulu
Izinsuku ezi-6
Ukulawula isikhathi ngokujwayelekile kungabangela ingcindezi lapho inhloso kuwukuthola ukuphila "ngaphansi kokulawula" ngamandla ethu nokuzithiba. Kodwa iBhayibheli lisitshela ukuthi sithola ukuthula nokuphumula lapho sithembela kuNkulunkulu ngesikhathi sethu. kulolu hlelo lwezinsuku ezingu-6, uzofunda ukuthi indlela egxile kuNkulunkulu yokuhlela isikhathi iholela kanjani ekutholeni konke okuhle anakho ngawe, okuhlanganisa injabulo nokuthula Kwakhe.
Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!
6 Izinsuku
Izinqumo eziningi empilweni zibalulekile. Kodwa-ke, yinye kuphela ebaluleke kakhulu. Uma ufuna umhlahlandlela olula wokuqonda okujulile kwalesi sinqumo esiyingqayizivele - isipho samahhala sikaNkulunkulu sensindiso - uqala lapha. Ithathwe encwadini, “Kuleli Zwe; Umhlahlandlela WamaKristu Wokukhula Ngenhloso ”nguDavid J. Swandt.

Isinqumo Esikhulu Kunazo Zonke Empilweni Yakho!
6 Izinsuku
Izinqumo eziningi empilweni zibalulekile kokuthize. Kodwa ke, iba yodwa kuphela ebaluleke kakhulu. Uma ufuna umhlahlandlela olula wokuqonda okujulile kwalesi sinqumo esingajwayelekile - isipho sikaNkulunkulu sensindiso samahhala - qala lapha.

Uthando Olumangazayo noFrancis Chan
Izinsuku ezingu-7
Kuthathwe encwadini yakhe ethengiswa kakhulu ye-New York Times ethi "Uthando Olumangazayo," uFrancis Chan uhlolisisa uthando lukaNkulunkulu olumangalisayo ngathi, nokuthi impendulo yethu efanele othandweni olunjalo kufanele ibukeke kanjani. Kodwa akagcini lapho, usibekela inselele yokuba sizindle ngobukhulu bukaNkulunkulu kanye nomehluko omkhulu phakathi kobukhosi Bakhe baphakade nokuphila kwethu kwesikhashana lapha emhlabeni.