Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UGenesise 50:17
Umnqobi: Ukuthola Amandla eZikhathini Zobunzima
Izinsuku eziwu 4
Ukunqoba ezikhathini zobunzima ungakuzwa njengento engeke yenzeka, nxa wedlula kuzona. Kodwa ngokubonga, UNkulunkulu uyakwazi ukwenza okungaphezulu kunalokho esikucelayo nesikucabangayo. Kulesisifundo sezinsuku ezine, thola ukuthi UNkulunkulu angakukhokhela kanjani ubuhlungu nokudumazeka kwakho akunike injongo.
Ukuphila Kushintshiwe: Ngonyaka Omusha
Izinsuku eziwu 4
NgoNyaka Omusha ngamunye kuza ithuba elisha lesiqalo esisha. Ungavumeli lokhu kube ngomunye unyaka oqala ngezinqumo ongeke uzigcine. Lolu hlelo lwezinsuku ezi-4 luzokuqondisa ekucabangeni kwakho futhi lunikeze umbono omusha ukuze wenze lo nyaka wakho ube ongcono kakhulu.
Ukuhlakanipha Okuvela Ezindabeni ZeTestamente Elidala
izinsuku ezingu 5
Kwesinye isikhathi iTestamente Elidala lingadida ukuliqonda, kodwa ligcwele izindaba ezigcwele ubuhlakani obusebenzayo. Kulolu Hlelo lwezinsuku ezi-5, sizocwila ezindabeni ezivela eTestamenteni Elidala—ezinye ezaziwa kakhulu kunamanye—futhi sithole nemibono emisha ezosibekela inselele futhi yakhe ukholo lwethu.
Ukuchezuka: Izifundo Ezivela KuJosefa
Izinsuku ezi-6
Kulolu cwaningo lweqembu elincane uDkt. Tony Evans usebenzisa ukholo oluyingqophamlando, impilo, kanye nomsebenzi kaJoseph ukufundisa ukuthi uNkulunkulu unesithakazelo esikhulu ekukhuleni kwakho kunokufika kwakho. NjengoJosefa, umfana owathunjwa futhi wagqilazwa owakhulela ukuze asindise umbuso, izithiyo nezinkathazo ekuphileni kwakho zingaholela ekufezeni okungokoqobo. Kuyavunywa, ukuchezuka akulula neze. Zikukhipha endleleni. Zinde kunalokho obuhlele ukuhamba ngazo ekuqaleni. Kodwa ziyadingeka. uNkulunkulu uvumela ukuchezuka empilweni yakho ngoba ukhathalela kakhulu isimo sakho kunokunethezeka kwakho, kakhulu ngokuhlanzeka kwakho kunokukhiqiza kwakho. Ukhathalela isiphetho sakho!
Ukuphila Kushinthile:Intethelelo
Izinsuku ezi-6
Abaningi bethu bahambahamba, bebhandisa amanxeba ngenxa yezinto ezishiwo noma ezenziwe ngabantu. Sihlala sizabalaza ngaphansi kwesisindo salowo mthwalo ngoba asizimisele noma asiqiniseki ukuthi sithethelela kanjani. Lolu hlelo alukho mayelana nokuvumela othile ukuba ahlukane noma ukwenza abanye bazizwe bengcono. Okwakho. Kumayelana nokufunda indlela yokuthethelela ukuze ukwazi ukuphulukiswa, uthole inkululeko kulokho okwedlula, futhi uqale ukuphila ushintshile.
Ukuthethelela Abasilimazayo
Izinsuku ezingu-7
Akukhathaliseki ukuthi sihlushwa amanxeba angokomzwelo noma ngokomzimba, intethelelo iyisisekelo sempilo yobuKristu. Ujesu Kristu wabhekana nazo zonke izinhlobo zokuphathwa ngokungafanele nokungalungile, kwaze kwaba seqophelweni lokufa okungafanele. Nokho ngehora lakhe lokugcina, wathethelela isela eliyinhlekisa elikwesinye isiphambano kanye nababulali bakhe.