Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Kwabase-Efesu 4:21

Ngikhungathwe Izibusiso Zami (Ingxenye 1)
izinsuku ezingu 5
Isikhuthazo komama esivela kumama owethule izingane zakhe ezingu-7 futhi waphila ukuze azixoxele ngakho. Lokhu kuyingxenye 1 kwezingu-12 zokuzinikela kulolu chungechunge oluvela kuRobin Meadows!

Ukuthethelela Abasilimazayo
Izinsuku ezingu-7
Akukhathaliseki ukuthi sihlushwa amanxeba angokomzwelo noma ngokomzimba, intethelelo iyisisekelo sempilo yobuKristu. Ujesu Kristu wabhekana nazo zonke izinhlobo zokuphathwa ngokungafanele nokungalungile, kwaze kwaba seqophelweni lokufa okungafanele. Nokho ngehora lakhe lokugcina, wathethelela isela eliyinhlekisa elikwesinye isiphambano kanye nababulali bakhe.

Ungqondongqondo
Izinsuku ezingu-7
Konke kusekhanda lakho. Kodwa kuthiwani uma lokho kuyinto enhle? Imicabango yethu ingaphezu kokusabela kulokho okwenzeka ezimpilweni zethu—ingamandla anamandla okubumba lokho esiyikho nokuthi singaba ngubani. Funda kubantu bansuku zonke abafana nawe ukuthi ungalisebenzisa kanjani iqiniso elinamandla kwabaseRoma 12:2 ukuze uvule ungqondongqondo ongaphakathi kuwe.

Luyini uthando lweqiniso?
Izinsuku eziwu 12
Wonke umuntu ufuna ukwazi ukuthi uthando luyini. Kodwa bayingcosana abantu abaya ebhayibhelini ukuthola ukuthi lithini ngothando. Uthando lweyizinye zezingqalazinto zezibhalo nezinto ezibalulekile zempilo yomzalwane. Loluhlelo lease Thistlebend Ministries lufundisa ngencazo yebhayibheli mayelana nothando nokumthanda kahulu uNkulunkulu nabanye.

Izinsuku ezingu-21 kwabase-Efesu
Izinsuku ezingu-21
Eyabase-Efesu inothile ngamaqiniso ngoNkulunkulu nomsebenzi wakhe wokusindisa kithi. Lolu hlelo lwenzelwe ukukusiza ukuthi umbe ujule kulo mbhalo, ube ufunda okwengeziwe ngoNkulunkulu kanye nawe. Isigqi sezinyathelo eziyisithupha zansuku zonke sizokusiza ukuba uzenzele umkhuba wokufunda nokuhlanganyela neZwi likaNkulunkulu. lolu hlelo lulethwe kuwe yi-Christian Standard Bible (CSB). Funda kabanzi ku-CSBible.com.

Injabulo Yazo Zonke Izinkathi
Izinsuku ezingu 30
Wake wazibuza, “Kungenzeka yini ukuba nenjabulo kuzo zonke izikhathi zokuphila?” Ucarol McLeod ukholelwa ukuthi uNkulunkulu unenjabulo enkulu ongayithola. Kulokhu kuzinikela, uzothola ukuthi ungamethemba kanjani uNkulunkulu lapho impilo ingalungile, ungazindla kanjani ngombhalo oguqula ukucabanga kwakho nokuthi ungaguqula kanjani ukudumala kube yinhliziyo ejabule phakathi kokungaqiniseki.