Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseKolose 2:6
Ikhambi Lesizungu
izinsuku ezingu 3
Sifunda izifundo ezibalulekile lapho sihamba nabanye abantu. Sifunda ukusebenzelana nokubambisana nabanye. Wonke umuntu uyakulangazelela ukwamukelwa, ngoba uNkulunkulu wasenzela ubudlelwane. Lapho sihamba namanye amaKristu emphakathini, sithola lokho kulangazelela kwaneliseka.
KwabaseKolose
4 Izinsuku
Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezine luhlola incwadi kaPawulu eya kwabaseKolose, lapho ephikisana nemfundiso yamanga ngokusikhumbuza ukuthi uJesu - Emkhulu futhi wanele - wenza umhlaba wonke futhi wahlenga isintu. UPawulu unikeza nokuhlakanipha ngobuhlobo emindenini, ngomthandazo, ukuphila okungcwele, nokuthi kusho ukuthini ubunye othandweni.
Vuna Ukubonga Unyaka Wonke!
Izinsuku ezingu-7
Ngiyamangala ngezifundo esingazifunda kwamanye amasiko! Abanye babonakala benokuncane ngokwezinto ezibonakalayo, kodwa babonisa umuzwa ojulile wokubonga nenjabulo! Angazi ngawe, kodwa ngifuna ukubonga nenjabulo kube yingxenye yami kangangokuthi kulula njengokuphefumula! Kulolu hlelo, sizothola ukuthi ungenza kanjani inkathi yokubonga ibe umkhuba wansuku zonke!