Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kuThimothewu 6:18

Ithemba
Izinsuku eziwu 4
Ukwethemba kuyingxenye ebalulekile yokholo lobuKristu. Futhi ukwethemba kwakho kukhula ngokuhlangana noNkulunkulu nokuzindla ngeZwi laKhe. Amavesi alandelayo, lapho uwabamba ngekhanda, angakusiza ukuba uthembele kuNkulunkulu kuzo zonke izinsuku zakho. Vumela impilo yakho iguqulwe ngokukhumbula imiBhalo!

Intokozo
izinsuku ezingu 5
Intokozo iyingxenye ebalulekile kakhulu ekukholweni koMzalwane. Kanti intokozo ikhula ngokuhlangabezana noNkulunkulu kanye nokuzindla ngewi Lakhe. AmaVesi alandelayo, uma kuzindlwa ngawo, angasiza ukukhulisa intokozo empilweni yakho! Impilo yakho ayiguqulwe ngokuzindla ngeZwi

Okujabulisayo: Impilo Efanele Ukuphilwa
izinsuku ezingu 5
Wonke umuntu angakhetha ukuba nomdlandla, futhi impilo enjalo iqala ngokulingisa uJesu. Isimilo ngasinye esibizelwe ukusemukela, zonke izenzo zomusa noma zothando, kanye nezwi ngalinye lozwelo noma ububele liwukubonakaliswa okucacile kukaKristu ngaphakathi kwethu. Sibizelwe ukuba sibe ngumbukiso ophilayo-futhi-sisho lokho uNkulunkulu akwazi ukukufeza ngomuntu oyedwa ojwayelekile.

Ngabe yimalini Eyanele?
Izinsuku ezi-6
Ingabe uke ufune okuthe xaxa? Amateku amaningi. Ama-skateboard amaningi. Uswidi owengeziwe. Imidlalo eminingi. Kungakhathaliseki ukuthi yini oyithandayo, ufuna nje okungaphezulu! Lolu Hlelo LweBhayibheli luzokusiza ufunde ukuthi “kwanele,” futhi likusize ubone ukuthi lapho uphila njengoJesu, ungathola injabulo eyengeziwe ngokubuza ukuthi “Nginganikela ngamalini?” esikhundleni sokuthi “Yimalini engingayithola?”

Okuningi Kokuncane: Umhlahlandlela Wezinto Ezincane Nenjabulo Eyengeziwe
Izinsuku eziwu 14
ImiBhalo ithi izindinganiso zikaNkulunkulu zihlukile kwezezwe. Lokhu kubonakala endabeni yengcebo nemfuyo. “Uma unokuningi, kuba ngcono!” umhlaba uyamemeza. UNkulunkulu uyahleba, “Nganele. Ungafuni injabulo noma ukulondeka kunoma yini enye. Uzoneliseka kakhulu ngokuba nokuncane.” Ukukhuculula, isenzo sokuba nokuncane ngenhloso esimayelana nokuqeda imfuhlumfuhlu. Kunikeza indlela yokuthuthukisa impilo yethu ngaphansi kukaNkulunkulu.

Izingxogxo NoNkulunkulu
Izinsuku eziwu 12
Izingxogxo noNkulunkulu zikucwilisa ngokujabulisayo empilwen yomthandazo esondele kakhulu, kugcizelela izindlela ezingokoqobo zokuzwa izwi likaNkulunkulu. Unkulunkulu ufuna sithokozele ingxoxo egijimayo Naye zonke izimpilo zethu — ingxoxo eyenza wonke umehluko ekuqondisweni, ebudlelwaneni nasenhlosweni. Leli cebo ligcwele izindaba ezisobala, zomuntu siqu ngokufinyelela kwenhliziyo kaNkulunkulu. Uyasithanda!