Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kuThimothewu 2:5

Okwenkululeko kanye Nentethelelo
izinsuku ezingu 5
Ukuthethelela kuyinqubo. Kuthatha isikhathi, kuyabiza futhi kunzima. Kuwukubuyisela ubudlelwano ngokukhulula isikhathi esidlule esibuhlungu ngesimo sothando. Akukho okusigcina sisebugqilini besikhathi esedlule njengokungazimisele kwethu ukuthethelela. Ukwenqaba ukuthethelela kubangela ubuhlungu bomphefumulo. Ukuthethelela kuwukukhululeka enzondweni kanye nokuziphindiselela. Ivula kabusha ikusasa leziqalo ezintsha - ukuqala kabusha.

Ukutshala Ibandla Elinempilo
Izinsuku ezingu-7
Lapho uNkulunkulu ekubizela enkonzweni, kungaba nzima kakhulu, kodwa futhi kungaba yinto engcono kakhulu eke yenzeke kuwe. Uma inhliziyo yakho inyakazisiwe ukuba utshale ibandla, qala lapha eZwini likaNkulunkulu. Gxila kulolu hlelo lokufunda lwezinsuku eziyisikhombisa, futhi uthole isikhuthazo osidingayo ukuze uphumele obizweni lukaNkulunkulu.

Ithemba KuKhisimusi
Izinsuku eziwu 10
Kubantu abaningi kakhulu, uKhisimusi uye waba uhlu olude lwezinto okumele zenziwe okubenza bakhathale, futhi bafise ukuba angabe sekungu Disemba 26. Kulolu chungechunge lwemiyalezo, uMfundisi Rick ufuna ukukusiza ukhumbule isizathu sokugubha uKhisimusi nokuthi kungani kumele kushintshe, hhayi nje kuphela indlela ogubha ngayo amaholidi kodwa yonke impilo yakho.