Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kaJohane 1:9
UTony Evans Uhlaziya Ukubuyisana Kwezinhlanga
izinsuku ezingu 3
Esikhundleni sobunye, abantu abaningi bamane babekezelele ezinye izinhlanga. Bamane babekezelele abanye ngaphandle kokuba nesifiso sokuba nobudlelwane nabo. Kulolu-hlelo lwezinsuku eziwu-3, uDokotela uTony Evans uzosisiza ukuthi siqhelelane nokubekezelelana ngokobuhlanga bese sisondela ekubuyisaneni. Sizoxoxa ngezikhiye zokubuyisana okuyiqiniso kweBhayibheli nokuthi kungani kubalulekile kakhulu ubunye beqiniso emzimbeni kaJesu Kristu.
Ukukhuluma NoNkulunkulu Ngomthandazo
Izinsuku eziwu 4
Impilo yomndeni ike ibe matasa, kuyenzeka futhi singathathi isikhathi sokuthandaza—asisabali ke ukusiza abantwana bethu ukuthi bakhule emkhutsheni wokufaka uNkulunkulu osukwini lwabo. Kulehlelo, umndeni wakho uzobona ukuthi uNkulunkulu ufuna kangakanani ukusizwa nanokuthi umthandazo ubuqinisa kanjani ubudelwano bethu naYe kanye nathi sisodwa. Usuku nosuku luneqalo somthandazo, ukufundwa komBhalo omfushane kanye necazelo, okwenziwa mathupha, kanye nemibuzo yokubonisana.
Izenzo Zokuhlambuluka
izinsuku ezingu 5
Ukuhlambuluka kungenye yezenzo ezibalulekile esizithathayo sonke ekwazini uKristu njengoMsindisi wethu siqu. Ukuhlambuluka yisenzo sethu nokuthethelela kuyimpendulo kaNkulunkulu kithina ngenxa yothando lwakhe oluphelele ngathi. Kuloluhlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-5, uzothola ukufunda iBhayibheli nsuku zonke kanye nomkhuleko omfushane okuhloswe ukukusiza ukuba uqonde kangcono ukubaluleka kokuhlambuluka ekuhambeni kwethu noKristu. Ukuze uthole okwengeziwe, bheka ku-www.finds.life.church
Izitha Zenhliziyo
izinsuku ezingu 5
Njengoba nje inhliziyo engenampilo engokwenyama ingawubhubhisa umzimba wakho, inhliziyo engenampilo ngokomzwelo nangokomoya ingakucekela phansi kanye nobudlelwane bakho. ezinsukwini ezinhlanu ezilandelayo, vumela u-Andy Stanley akusize ubheke ngaphakathi kuwe izitha ezine ezivamile zenhliziyo - icala, intukuthelo, ukuhaha, nomhawu - futhi akufundise ukuthi ungazisusa kanjani.
Akukho Ukuzisola
izinsuku ezingu 5
Lokhu kufundwa kwansuku zonke okunamandla kuveza ukuthi kusho ukuthini ukuphila impilo ngaphandle kokuzisola. Khululeka futhi ufunde ukuthi ungakhonza kanjani futhi ukhazimulise uNkulunkulu njengokungathi zonke izinsuku ngezokugcina. Lokhu kuzinikela kusekelwe encwadini kaRobin Bertram ethi Akukho Ukuzisola.
UKristu Iqhawe Lethu
5 Izinsuku
NgoKristu iqhawe lethu, uNkulunkulu uye owasivikela phakade ngokusikhulula esonweni nasekufeni, Uyasilondoloza manje kulomhlaba owile, futhi ngolunye usuku uyosethula ngokuphephile ekhaya Kuye.
Iphasika: Uma Ithuna Lingakhuluma
Izinsuku ezi-6
Sonke sinesimo esifanayo. Sizofa. Ngizofa. Uzofa. Ukufa kuzokwehlula. Ngeke ukwazi ukukuvika, ukukubeka eceleni, ukukhohlisa noma ukukwenza kunyamalale. Kodwa kukhona uJesu, indoda eyanqoba ithuna. Ujesu wamelana nethuna futhi wanqoba ukufa. Lapho uJesu ekhuluma, ithuna liyakhuluma. uyakhuluma.
Inguquko Yendodana Yolahleko noKyle Idleman
Izinsuku ezingu-7
Ithethwe kwi ncwadi ebizwa "AHA", hlanganyela no Kyle Idleman njengoba ethola izakhi ezintathu ezizokusondeza kuNkulunkulu ziphinde ziguqule izimpilo zethu ingunaphakade. Ingabe ulungele iskhathi sikaNkulunkulu esiguqula yonke yinto?
Ukuhlanzeka Okujulile: Ukuqeda Ihlazo, Imithelela Enobuthi, kanye Nokungathetheleli
Izinsuku ezingu-7
Kuthiwani uma kungadingeki silinde kuze kube yilapho sesifikile lapho sikhuluma khona lokho okuphukile ezimpilweni zethu? Njengoba nje sitshala imali ekuhlanzeni amakhaya ethu, yisikhathi sokumema uMoya oNgcwele ukuthi ahlanze izinhliziyo zethu. Kulolu Hlelo LweBhayibheli Lwezinsuku Ezingu-7, sizothola ukuthi singawuyeka kanjani umthwalo ongokomzwelo osibuyisela emuva futhi osindayo.
Uke Uzibuze ukuthi Kungani?
Izinsuku ezingu-7
Kuthiwani uma ukholo luluncane mayelana nokwazi zonke izimpendulo ezifanele futhi kube mayelana nokubuza imibuzo enzima? Uma uke wazibuza ukuthi kungani uNkulunkulu ebonakala engenabulungiswa, kungani engayiphenduli njalo imithandazo yethu ngendlela esiyilindele, noma kungani uNkulunkulu onothando engadala isihogo, lolu Hlelo LweBhayibheli lwezinsuku ezingu-7, oluhambisana nencwadi ethi Ever Wonder Why kaMfundisi uCraig Groeschel? uchungechunge, lungo lwakho.