Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kwabaseKorinte 12:25

Ukulangazelela Uthando luka Nkulunkulu
5 Izinsuku
UNkulunkulu uluthando. Ngakho-ke, umyalo wakhe omkhulu kithi kwakuwukuMthanda ngeziqu zethu zonke. Umyalo wakhe olandelayo wawuwukuthanda abanye. Nokho, ngezinye izikhathi singahlukaniswa phakathi kwezimo ezimbili ezeqisayo: ukuba semthethweni nokungabi namthetho. Futhi alubonisi uthando lukaNkulunkulu. Kubalulekile ukulalela isikhuthazo sikaJesu kubafundi bakhe sokuba baqaphele kokubili ukweqisa. Kunalokho, masihlale sigxile emsebenzini wethu owumgogodla - ukuphishekela uNkulunkulu wothando!

Izikhumbuzo Zokuphila
Izinsuku ezi-6
Seluleko sini esinganikezwa yilaba abangadumile baseBhayibhelini kwisizululwane sama iMillennials kanye/noma sama iGen Z-ers? Fumana lokhu kulolu hlelo lweBhayibheli lwezinsuku eziyisi-6.

Amaqembu amancane, Ukukhula Okukhulu
Izinsuku ezingu-7
Amasonto awabiza ngamaqembu amancane, amaqembu amaseli, kanye namaLifeGroups. Ngaphandle kwamagama, akhona ukuze akhe ubudlelwano obunenjongo phakathi kwabalandeli bakaKristu. Kodwa kungani? Ingabe laba ngabantu esiphila nabo ngokukhululeka kobuKristu, noma kukhona okunye? Lolu hlelo lweBhayibheli, lweqembu le-Life.Church LifeGroups, olwanoma ubani ocabanga ukuthi uNkulunkulu angasebenzisa iqembu labo elincane ukuze abangele ukukhula okukhulu.

Phumula Ekuqhathaniseni Uhlelo lwezinsuku Eziwu-7 Ngo-Anna Light
Izinsuku ezingu-7
Uyazi ukuthi uNkulunkulu ukupha ukuphila okuchichimayo kunalena oyiphilayo, kodwa iqiniso elibuhlungu liwukuthi isiqhathaniso siyakuvimbela ukuba uye kwelinye izinga. Kulolu hlelo lokufunda u-Anna Light wembula imininingwane ezophazamisa ukuqhathaniswa kwesembozo emakhonweni akho, futhi ikusize uphile impilo ekhululekile nechichimayo uNkulunkulu ayidalele wena.

Ukuhlanza kobuKristu: Izinyathelo Ezilula Zokuphila Okuchichimayo
Izinsuku ezingu-7
Sonke siyazi ukuthi injongo yethu ekuphileni ayigoqiwe ekuqongeleleni izinto, ingcebo, amandla, nodumo—uJesu ukucacisile lokho—kodwa umphakathi usitshela okuhlukile. Ukuhlanza KobuKristu kuzama ukunqamula ekucabangeni kwethu kanye namanga omphakathi mayelana nokuthi impilo kufanele ibukeke kanjani futhi imema abafundi empilweni uJesu asibizela yona ukuba siyiphile: impilo ephilwa ngamabomu, engenayo imfuhlumfuhlu enyameni, engokomoya, nengokomzwelo.

Ukukhulisa Ibandla Elinempilo
Izinsuku eziwu 10
Njengomfundisi, uchitha isikhathi esiningi uhola futhi ukhuthaza abanye, kodwa iBhayibheli linesikhuthazo ngawe, futhi. Lolu hlelo lokufunda lwezinsuku ezingu-10 lukuhambisa ezindleleni ezisebenzayo ezing-10 zokuqinisa impilo yebandla lakho ngokufunda ukuncika ngokuphelele kuNkulunkulu. Ngamavesi amafushane kodwa anamandla kanye nomcabango ogxilile wosuku ngalunye, Ukukhulisa Ibandla Elinempilo kuyindlela enhle yokuthuthukisa isikhathi sakho somthandazo wansuku zonke.

Uba kanjani Umakhelwane
Izinsuku eziwu 10
Kuthiwani uma kungadingeki sihambe ibanga elide ukuze sisondele kubantu abakude noNkulunkulu? Kuthiwani ukube amaKristu ayengomakhelwane abangcono kakhulu? Ingabe umgwaqo wakho ungashintsha? Ingabe izulu laliyogcwala ngokwengeziwe? Esikhathini eside esidlule, umholi wenkolo wabuza uJesu indlela yokungena ezulwini. Ujesu waphendula ngombuzo, kwase kuba indaba kaMakhelwane Omuhle. Akumangalisi, eminyakeni eyingu-2000 kamuva indaba kaJesu isachaza indlela yomakhelwane. Joyina uMfundisi Craig Groeschel kanye ne-Life.Church kumhlahlandlela osebenzayo, ogcwele indaba wokuhlanganyela nomakhelwane bakho futhi ubathande njengoba uzithanda wena. Kodwa ungamane uliyunde—Iphile!

Ukusebenza Okungcwele: Yamukela Impilo Yokusebenza Kanzima, Yokuphumula-Kahle
Izinsuku eziwu 10
Ibhalansi. Yilokho esikulangazelela ezimpilweni zethu njengoba sizwa ukumemeza kokuthi "sebenza ngokuzikhandla!" endlebeni eyodwa, futhi kunyenyeze okuthi "uphumule kakhudlwana" kwenye. Kuthiwani uma icebo likaNkulunkulu ngathi lingeyona indlela eyodwa noma enye? Ngena ekusebenzeni okungcwele—indlela yokusebenza kanzima nokuphumula kahle ngezindlela ezidumisa uNkulunkulu.

Amaphutha Amakhulu angu-12 Angagwenywa Abazali
Izinsuku eziwu 12
Udkt. Tim Elmore ujoyina i-Life.Church ukuze wabelane Ngamaphutha Amakhulu Angu-12 Angagwenywa Abazali. Sonke sifunela izingane zethu okungcono kakhulu, kodwa ngezinye izikhathi izinhloso zethu ezinhle zidukisa izindlela zazo. Masilungise inkambo futhi siholele izingane zethu ekubeni abantu abadala abaphumelelayo nabalandeli bakaKristu abazinikele ngokugcwele. Ukuze uthole okunye okuqukethwe, bheka okuningi ku-finds.life.church

Thanda Njengo Jesu
Izinsuku ezi-13
Singafunda kanjani ukuphila njengoJesu uma singaqali ngokuthanda njengaYe? Funda kanye nabasebenzi nabalingani be-Life.Church ngenkathi bekhuluma ngabakwaziyo kanye nemiBhalo enza bafise ukuphila impilo egcwele nokuThanda Njengo Jesu.

Injabulo Yazo Zonke Izinkathi
Izinsuku ezingu 30
Wake wazibuza, “Kungenzeka yini ukuba nenjabulo kuzo zonke izikhathi zokuphila?” Ucarol McLeod ukholelwa ukuthi uNkulunkulu unenjabulo enkulu ongayithola. Kulokhu kuzinikela, uzothola ukuthi ungamethemba kanjani uNkulunkulu lapho impilo ingalungile, ungazindla kanjani ngombhalo oguqula ukucabanga kwakho nokuthi ungaguqula kanjani ukudumala kube yinhliziyo ejabule phakathi kokungaqiniseki.