UEksodusi 24:17-18
UEksodusi 24:17-18 CZB24
Umbono wenkazimulo kaJehova wawunjengomlilo oqothulayo esiqongweni sentaba emehlweni abantwana bakwa-Israyeli. UMose wangena phakathi kwefu, wenyuka entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.