1
Johane 1:12
Baasraak Zulu New Testament Bible
Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe
比較
Johane 1:12で検索
2
Johane 1:1
Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu.
Johane 1:1で検索
3
Johane 1:5
Ukukhanya kukhanya ebumnyameni; ubumnyama abukwamukelanga.
Johane 1:5で検索
4
Johane 1:14
ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Johane 1:14で検索
5
Johane 1:3-4
Zonke izinto zenziwa nguye; ngaphandle kwakhe akubangakho lutho olwenziwe. Kuye kwakukhona ukuphila; futhi ukuphila kwakungukukhanya kwabantu.
Johane 1:3-4で検索
6
Johane 1:29
Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu, elisusa izono zezwe.
Johane 1:29で検索
7
Johane 1:10-11
Wayekhona ezweni, izwe lenziwa ngaye, kepha izwe alimazanga. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga.
Johane 1:10-11で検索
8
Johane 1:9
Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.
Johane 1:9で検索
9
Johane 1:17
Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu.
Johane 1:17で検索
ホーム
聖書
読書プラン
ビデオ