YouVersion Logo
Search Icon

Kwabase Roma 16

16
KwabaseRoma 16
1Ngiyamtusa kini uFebe udadewethu oyisikhonzi sebandla eliseKenikreya;
2ukuze nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke aniswele ngakho;
3Khonzani koPrisila no-Akwila, izisebenzi zami kuKristu Jesu.
4ababeke phansi izintamo zabo ngenxa yokuphila kwami, engibabongayo, kungeyimi ngedwa, kodwa namabandla onke abezizwe.
5Khonzani ngokunjalo nebandla elisendlini yabo. Khonzani ku-Ephenetu othandiweyo wami, oyizithelo zokuqala ze-Akhaya kuKristu.
6Bingelelani uMariya owasebenza kanzima ngenxa yethu.
7Khonzani ko-Anidroniku noJuniya, izihlobo zami neziboshwa kanye nami, abadumileyo phakathi kwabaphostoli nabo ababe kuKristu ngaphambi kwami.
8Khonzani ku-Ampiliyasi isithandwa sami eNkosini.
9Khonzani ku-Uribane, isisebenzi sethu kuKristu, nakuStaku isithandwa sami.
10Khonzani ku-Aphele ovunyelwe kuKristu. Khonzani kwabendlu ka-Aristobulo.
11Khonzani kuHerodiyoni isihlobo sami. Khonzani kwabendlu kaNarkisu abaseNkosini.
12Khonzani koTrifina noTrifosa, abasebenza kanzima eNkosini. Khonzani kuPersisi othandekayo, owakhandleka kakhulu eNkosini.
13Khonzani kuRufu okhethiweyo eNkosini, nonina, nowami.
14Khonzani ko-Asinkritu, noFilegoni, noHerma, noPhatroba, noHermesi, nabazalwane abanabo.
15Khonzani kuFilologo, noJuliya, noNerewu, nodadewabo, no-Olimpa, nabangcwele bonke abanabo.
16Bingelelanani ngokwanga okungcwele. Ayakhonza kini amabandla kaKristu.
17Kepha ngiyanincenga, bazalwane, ukuba niqaphele ababanga ukwahlukana nezikhubekiso bephambene nesifundiso enasifundiswa nina; futhi ubagweme.
18Ngokuba abanjalo kabakhonzi iNkosi yethu uJesu Kristu, bakhonza isisu sabo; nangamazwi amahle namnandi bakhohlisa izinhliziyo zabangenalwazi.
19Ngokuba ukulalela kwenu sekufinyelele kubantu bonke. Ngakho-ke ngiyathokoza ngani, kepha ngithanda ukuba nihlakaniphe kokuhle, nibe abangenalwazi kokubi.
20UNkulunkulu wokuthula uzakumchoboza masinyane uSathane phansi kwezinyawo zenu. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani. Amen.
21Uyakhonza kini uThimothewu, isisebenzi kanye nami, noLukiyu, noJasoni, noSosipatro, izihlobo zami.
22Mina Tertiyu, engilobe le ncwadi, ngiyakhonza kini eNkosini.
23Uyakhonza kini uGayu, esingimbelele, nebandla lonke. Uyakhonza kini u-Erastu induna yomuzi, noKwartu umzalwane.
24Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke. Amen.
25Kuye onamandla okuniqinisa ngokwevangeli lami nentshumayelo kaJesu Kristu ngokokwambulwa kwemfihlakalo ebifihliwe kwasekuqaleni;
26Kodwa khathesi isibonakalisiwe, langemibhalo yabaprofethi, ngokomlayo kaNkulunkulu ophakade wenziwe waziwa ezizweni zonke ukuze balalele ngokukholwa;
27KuNkulunkulu ohlakaniphileyo yedwa, kakube ludumo ngoJesu Kristu kuze kube nininini. Amen. (Yabhalelwa amaRoma ivela eKorinte, yathunyelwa nguFebe inceku yebandla laseKenikreya.)

Currently Selected:

Kwabase Roma 16: ZuluNT

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in