YouVersion Logo
Search Icon

IsAmbulo 21

21
IsAmbulo 21
1Ngase ngibona izulu elisha nomhlaba omusha, ngokuba izulu lokuqala nomhlaba wokuqala kudlulile; ulwandle lwalungasekho.
2Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela kuNkulunkulu ezulwini, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.
3Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.
4UNkulunkulu uyakwesula izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona, nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.
5Wasesithi ohlezi esihlalweni sobukhosi: Khangela, ngenza konke kube kutsha. Yathi kimi: Bhala, ngokuba lawa mazwi aqinisile, athembekile.
6Wathi kimi: Sekwenzekile. Mina ngingu-Alfa no-Omega, isiqalo nesiphetho. Owomileyo ngiyakumnika ngesihle emthonjeni wamanzi okuphila.
7Onqobayo uyakudla ifa lakho konke; ngiyakuba nguNkulunkulu wayo, yona ibe yindodana yami.
8Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, neziphingi, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.
9Kwase kufika kimi enye yezingelosi eziyisikhombisa ezazinezitsha eziyisikhombisa ezigcwele izinhlupho eziyisikhombisa zokugcina, yakhuluma nami, yathi: “Woza lapha, ngizokubonisa umlobokazi, umkaWundlu.
10Yangithwala ngikuMoya yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi omkhulu, iJerusalema elingcwele, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu,
11Ulenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kunjengetshe eliligugu elikhulu, linjengetshe lejaspi elicwebezela njengekristalu;
12inogange olukhulu noluphakemeyo, inamasango ayishumi nambili, nasemasangweni izingelosi eziyishumi nambili, kulotshwe kuwo amagama angawezizwe eziyishumi nambili zabantwana bakwa-Israyeli.
13Ngasempumalanga amasango amathathu; ngasenyakatho amasango amathathu; eningizimu amasango amathathu; nangasentshonalanga amasango amathathu.
14Ugange lomuzi lwalunezisekelo eziyishumi nambili, nakuzo amagama abaphostoli abayishumi nambili beWundlu.
15Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo.
16Umuzi wawunezinhlangothi ezine ezilinganayo, ubude bawo bungangobubanzi bawo; walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu ayizinkulungwane eziyishumi nambili. ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kuyalingana.
17Yalinganisa ugange lwawo, izingalo eziyikhulu namashumi amane nane, ngesilinganiso somuntu, okungukuthi, sengelosi.
18Isakhiwo sogange lwawo kwakuyijaspi, nomuzi wawuyigolide elicwengekileyo, linjengengilazi ecwebezelayo.
19Izisekelo zogange lomuzi zazihlotshiswe ngawo wonke amatshe anenani. Isisekelo sokuqala sasiyijaspi; eyesibili isafire; eyesithathu ikalkedoni; eyesine iyisimaragidu;
20Eyesihlanu isardoniksi; eyesithupha yisardiyu; eyesikhombisa ikrizolithe; eyesishiyagalombili ikrisolite; eyesishiyagalolunye yitopazi; eyeshumi yikrisoprasu; eyeshumi nanye yihiyakinte; eyeshumi nambili, i-amethiste.
21Amasango ayishumi nambili ayengamaparele ayishumi nambili; isango ngalinye lalingeleparele linye, nesitaladi somuzi sasiyigolide elicwengekileyo njengengilazi ekhanyayo.
22Angibonanga ithempeli kuwo, ngokuba iNkosi uNkulunkulu uMninimandla onke neWundlu bayithempeli lawo.
23Umuzi awudingi ilanga nenyanga ukuba kukhanye kuwo, ngokuba inkazimulo kaNkulunkulu iyawukhanyisa, nokukhanya kwawo iWundlu.
24Izizwe zabasindiswayo ziyakuhamba ekukhanyeni kwawo, namakhosi omhlaba aletha kuwo inkazimulo nodumo lwawo.
25Amasango awo akayikuvalwa nhlobo emini, ngokuba ubusuku abuyikuba khona lapho.
26Bayakungenisa kuwo inkazimulo nodumo lwezizwe.
27Akuyikungena kuwo lutho olungcolileyo, nawo wonke amanyala namanga, kuphela abalotshiweyo encwadini yokuphila yeWundlu.

Currently Selected:

IsAmbulo 21: ZuluNT

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in