YouVersion Logo
Search Icon

Marku 1

1
Marku 1
1Ukuqala kwevangeli likaJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu;
2njengokulotshiweyo kubaprofethi ukuthi: Khangela, mina ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho, esizalungisa indlela yakho phambi kwakho.
3Izwi lomemezayo ehlane, lithi: Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde.
4UJohane wabhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka kukho ukuthethelelwa kwezono.
5Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo.
6UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe; wadla izinkumbi nezinyosi zasendle;
7Washumayela wathi: “Emva kwami kuyeza onamandla kunami, engingafanele ukukhothama ngithukulule umchilo wezicathulo zakhe.
8Mina nginibhapathize ngamanzi, kepha yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele.
9Kwathi ngalezo zinsuku kwafika uJesu evela eNazaretha laseGalile, wabhapathizwa nguJohane eJordani.
10Wathi ekhuphuka ephuma emanzini, wabona izulu livulekile, noMoya ehlela phezu kwakhe njengejuba.
11Kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.
12Masinyane uMoya wamqhubela ehlane.
13Wayekhona ehlane izinsuku ezingamashumi amane elingwa nguSathane; futhi wayekanye nezilwane zasendle; izingelosi zamkhonza.
14Kwathi uJohane esebotshiwe, uJesu wafika eGalili, etshumayela ivangeli lombuso kaNkulunkulu;
15Wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, nombuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe ivangeli.
16Esahamba ngaselwandle lwaseGalile, wabona oSimoni no-Andreya umfowabo kaSimoni bephonsa inetha olwandle, ngokuba babengabadobi.
17UJesu wathi kubo: “Ngilandeleni, ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.
18Base bewashiya masinyane amanetha abo, bamlandela.
19Wathi eqhubeka ingcosana, wabona uJakobe kaZebedewu noJohane umfowabo besemkhunjini belungisa amanetha abo.
20Wababiza masinyane; base bemshiya uyise uZebedewu emkhunjini kanye nezisebenzi, bamlandela.
21Bangena eKapernawume; kwathi masinyane ngesabatha wangena esinagogeni, wafundisa.
22Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba wabafundisa njengonegunya, kungenjengababhali.
23Kwakukhona esinagogeni labo umuntu onomoya ongcolileyo; wakhala.
24esithi: Ake siyeke; Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani, ungoNgcwele kaNkulunkulu.
25UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!
26Umoya ongcolileyo wamdwengula, wakhala ngezwi elikhulu, waphuma kuye.
27Basebemangala bonke, baze babuzana besithi: Kuyini lokhu? Iyini imfundiso entsha le? ngoba ngegunya uyala lomoya abangcolileyo, bamlalele.
28Udumo lwakhe lwanda masinyane kuso sonke isifunda saseGalile.
29Base bephuma esinagogeni bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya kanye noJakobe noJohane.
30Kepha umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane, bahle bamtshela ngaye.
31Wasondela, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane wamyeka masinyane, wabakhonza.
32Kwathi sekuhlwile, ilanga selishonile, baletha kuye bonke ababegula nababekhwelwe ngamademoni.
33Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango.
34Waphulukisa abaningi ababephethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi; njalo wayengawavumeli amadimoni ukuthi akhulume, ngoba ayemazi.
35Ekuseni kusesekuseni kakhulu, wavuka waphuma, waya endaweni eyihlane, wakhuleka khona.
36USimoni nababe naye bamlandela.
37Sebemtholile bathi kuye: Bonke bayakufuna.
38Wathi kubo: “Asihambe siye emizini eseduze, ukuze ngishumayele nakhona, ngokuba ngiphumele lokho.
39Wayeseshumayela emasinagogeni abo kulo lonke iGalile, ekhipha amademoni.
40Kwasekusiza kuye onochoko, emncenga, eguqa phambi kwakhe, esithi kuye: Uba uthanda, ungangihlambulula.
41UJesu waba nesihe, welula isandla, wamphatha, wathi kuye: “Ngiyathanda; hlambuluka.
42Esakhuluma, basuka masinyane uchoko kuye, wahlanjululwa.
43Waseyilaya kakhulu, wayimukisa masinyane;
44Wathi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu lutho;
45Kepha yena waphuma, waqala ukumemezela kakhulu nokuyidalula leyondaba, kwaze kwaba yilapho uJesu engasenakukwazi ukungena emzini obala, kodwa waba ngaphandle ezindaweni eziyihlane;

Currently Selected:

Marku 1: ZuluNT

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy