YouVersion Logo
Search Icon

Mathewu 12

12
Mathewu 12
1Ngaleso sikhathi uJesu wadabula amasimu ngesabatha; abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla.
2Kepha abaFarisi sebekubona bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukwenziwa ngesabatha.
3Kodwa wathi kubo: Anifundanga yini uDavida akwenzayo mhla elambile yena lababelaye;
4Ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa, okwakungavunyelwe yena ukuthi azidle, nalabo ababenaye, kubapristi bodwa?
5Noma anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala na?
6Kepha ngithi kini: Kukhona lapha omkhulu kunethempeli.
7Kepha uma benazi ukuthi kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngithanda isihawu, hhayi umhlatshelo,’ ngabe anibalahlanga abangenacala.
8Ngokuba iNdodana yomuntu iyiNkosi yosuku lwesabatha.
9Esesukile lapho wangena esinagogeni labo.
10Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabene. Bambuza-ke, bathi: Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na? ukuze bambeke icala.
11Wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini onemvu eyodwa, kuthi uma iwela emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na?
12Pho, umuntu udlula imvu kangakanani na? Ngakho kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.
13Wasesithi endodeni: Yelula isandla sakho. Wayeseselula; kwasekusindiswa kwaba kuhle njengenye.
14Base bephuma abaFarisi, benza icebo ngaye lokuba bambhubhise.
15Kodwa uJesu ekwazi lokho wamuka lapho; amaxuku amakhulu amlandela;
16Wabayala ukuthi bangamenzi aziwe;
17ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi uIsaya ukuthi:
18Bheka, inceku yami engiyikhethileyo; othandiweyo wami othokoza kuye umphefumulo wami;
19Akayikuphikisana, noma akhale; njalo kakho ozakuzwa ilizwi lakhe emigwaqweni.
20Umhlanga ofecekileyo akayikuwuphula, nelineni eliqhumayo akayikuwucima, aze athumele ukwahlulela kube-ngukunqoba.
21Njalo abezizwe bazathembela ebizweni lakhe.
22Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe nesimungulu; wamphulukisa, kwaze kwakhuluma, wabona nempumputhe nesimungulu.
23Bamangala bonke abantu, bathi: “Lo akasiyo indodana kaDavide na?
24Kodwa abaFarisi bekuzwa bathi: Lo kakhiphi amadimoni, kuphela ngoBelezebule umbusi wamadimoni.
25UJesu eyazi imicabango yabo wathi kubo: “Yilowo nalowombuso owehlukene phakathi uyachitheka; futhi wonke umuzi noma indlu eyehlukene yodwa ayiyikuma.
26Uma uSathane ekhipha uSathane, uhlukene yedwa; pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na?
27Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, abantwana benu bawakhipha ngobani na? ngalokho bayakuba ngabahluleli benu.
28Kepha uma ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile kini.
29Noma umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, na? khona-ke uyakuphanga indlu yakhe.
30Ongenami umelene nami; ongabuthi kanye nami uyahlakaza.
31Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa.
32Nalowo okhuluma izwi elibi ngeNdodana yomuntu uyakuthethelelwa;
33“Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi, ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo.
34Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
35Umuntu omuhle emfuyweni enhle yenhliziyo ukhipha okuhle, nomuntu omubi emfuyweni embi ukhipha okubi.
36Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa.
37Ngokuba ngamazwi akho uyakuthiwa ulungile, nangamazwi akho uyakulahlwa.
38Base bephendula abanye bababhali nabaFarisi, bathi: Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esivela kuwe.
39Kodwa waphendula wathi kubo: Isizukulwana esibi lesiphingayo sifuna isibonakaliso; futhi kasiyikunikwa sibonakaliso, ngaphandle kwesibonakaliso sikaJona umprofethi.
40Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu; kanjalo iNdodana yomuntu iyakuba senhliziyweni yomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.
41Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle, ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoJona.
42Indlovukazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izokuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; futhi bhekani, lapha kukhona omkhulu kunoSolomoni.
43Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezomileyo efuna ukuphumula, kodwa angakufumani.
44Khona uthi: ‘Ngiyakubuyela endlini yami engaphuma kuyo; kuthi lapho efika ayithole ingenalutho, ishaneliwe, ihlotshisiwe.
45Khona uyahamba uthabathe kanye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi.
46Esakhuluma nesixuku, bheka, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.
47Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.
48Kodwa waphendula wathi komtshelayo: Ngubani umame? futhi bangobani abafowethu?
49Wayeselulela isandla sakhe kubafundi bakhe, wathi: “Bhekani, uma nabafowethu!
50Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu, nodadewethu, nomame.

Currently Selected:

Mathewu 12: ZuluNT

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in