YouVersion Logo
Search Icon

Luka 4

4
Luka 4
1UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane.
2elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Ngalezo zinsuku akadlanga lutho, kwathi seziphelile walamba.
3USathane wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa.
4UJesu wamphendula wathi: Kulotshiwe ukuthi: Umuntu kayikuphila ngesinkwa sodwa, kodwa ngawo wonke amazwi kaNkulunkulu.
5USathane wayesemthatha wamyisa entabeni ende, wambonisa imibuso yonke yezwe ngokuphazima kweso.
6USathane wathi kuye: “Amandla onke lawa ngiyakukunika wona, nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina; lalowo engithanda ukumnika wona.
7Ngakho-ke uma ungikhonza, konke kuyakuba ngokwakho.
8UJesu waphendula wathi kuye: “Suka emva kwami, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.
9Wamyisa eJerusalema, wammisa esiqongweni sethempeli, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi usuka lapha;
10Ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, ukuba zikugcine;
11Ezandleni zabo bayakukuthwala, funa noma nini uqhuzuke ngonyawo lwakho etsheni.
12UJesu waphendula wathi kuye: “Kuthiwa: Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.
13USathane eseqedile ukulinga konke, wamuka kuye isikhathi.
14UJesu wabuyela eGalile ngamandla kaMoya; udumo lwakhe lwanda kuso sonke leso sikhathi.
15Wafundisa emasinagogeni abo, edunyiswa yibo bonke.
16Wafika eNazaretha, lapho akhulele khona; njengokwenza kwakhe wangena esinagogeni ngosuku lwesabatha, wasukuma ukuba afunde.
17Wanikwa incwadi ka-Isaya umprofethi. Eseyivula incwadi, wafumana indawo okulotshwe kuyo ukuthi.
18UMoya weNkosi uphezu kwami, ngokuba ingigcobile ukuba ngishumayele ivangeli kwabampofu; ingithumile ukuba ngiphulukise abadabukileyo, ngishumayele ukukhululwa kwabathunjwa, nokubona kwabayizimpumputhe, ngikhulule abachotshoziweyo;
19ukutshumayela umnyaka omuhle weNkosi.
20Wayigoqa incwadi, wayibuyisela encekwini, wahlala phansi. Amehlo abo bonke ababesesinagogeni ayethe njo kuye.
21Waseqala ukuthi kubo: Lamuhla lumbhalo ugcwalisekile ezindlebeni zenu.
22Bonke bafakaza ngaye, bamangala ngamazwi omusa aphuma emlonyeni wakhe. Basebesithi: Lo kayisiyo indodana kaJosefa yini?
23Wathi kubo: “Niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena;’
24Wasesithi: Ngiqinisile ngithi kini: Kakho umprofethi owamukelwa elizweni lakibo.
25Kepha ngiqinisile ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivaliwe iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke;
26Kepha u-Eliya akathunyelwanga nakoyedwa kubo, kuphela eSarepta yaseSidoni kowesifazane ongumfelokazi.
27Kwakukhona abanochoko abaningi kwa-Israyeli ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNahamani umAramu.
28Bonke ababesesinagogeni bekuzwa lokho bagcwala ulaka.
29Base besukuma, bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamqhubela phezu kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamjikijele phansi.
30Kodwa yena edabula phakathi kwabo wahamba.
31Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile, wabafundisa ngesabatha.
32Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinamandla.
33Kwakukhona esinagogeni umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo, wamemeza ngezwi elikhulu.
34esithi: Ake siyeke; Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani; oNgcwele kaNkulunkulu.
35UJesu wamkhuza wathi: Thula, uphume kuye. Idemoni selimjikijele phakathi, laphuma kuye, alimlimazanga.
36Basebemangala bonke, bakhulumisana besithi: Lilizwi lini leli? ngokuba ngegunya nangamandla uyala omoya abangcolileyo, baphume.
37Udumo lwakhe lwaphumela kuzo zonke izindawo zangakhona.
38Wayesesuka esinagogeni, wangena endlini kaSimoni. Umkhwekazi kaSimoni wayenomkhuhlane omkhulu; bamncenga.
39Wema phezu kwakhe, wawukhuza umkhuhlane; wamyeka; wavuka masinyane, wabakhonza.
40Kwathi selishona ilanga, bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; wabeka izandla phezu kwabo bonke, wabaphulukisa.
41Kwaphuma namademoni kwabaningi, ememeza ethi: “Wena unguKristu iNdodana kaNkulunkulu. Wasezikhuza kazange azivumele ukuthi zikhulume, ngoba zazimazi ukuthi unguKristu.
42Kwathi sekusile, wamuka, waya endaweni eyihlane;
43Wathi kubo: “Ngimelwe ukushumayela umbuso kaNkulunkulu nakweminye imizi, ngokuba ngithunyelwe lokho.
44Wayeseshumayela emasinagogeni aseGalile.

Currently Selected:

Luka 4: ZuluNT

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in