YouVersion Logo
Search Icon

Johane 2

2
Johane 2
1Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; nonina kaJesu wayelapho.
2UJesu wayesemenyiwe kanye nabafundi bakhe emshadweni.
3Seliphelelwe iwayini, unina kaJesu wathi kuye: Kabanalo iwayini.
4UJesu wathi kuye: “Mame, nginamsebenzi muni nawe? ihora lami alikafiki.
5Unina wathi ezincekwini: Konke alisho kini, kwenzeni.
6Kwakukhona lapho izimbiza zamanzi eziyisithupha zamatshe ngokwesimiso samaJuda sokuhlambulula, iyinye ingalingana amashedi amabili nantathu.
7UJesu wathi kubo: Gcwalisani izimbiza ngamanzi. Base bewagcwalisa kwaze kwafika emlonyeni.
8Wathi kubo: “Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla; Base beyithwala.
9Kwathi umphathi wokudla esewanambithile amanzi abenziwe iwayini, engazi lapho elivela khona, (kepha izinceku ezaziwakhile amanzi zazisazi), umphathi wokudla wabiza umyeni;
10Wathi kuye: Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala; kuthi lapho sebephuzile, kudlule elibi, kepha wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.
11Lokho ukuqala kwezibonakaliso uJesu wakwenza eKhana laseGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa kuye.
12Emva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe; bahlala khona izinsuku ezingeziningi.
13Laselisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema.
14Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nezimvu namajuba, nabashintshi bemali behlezi.
15Esenzile isiswepu sezintambo, wabaxosha bonke ethempelini, nezimvu, nezinkomo; wayichitha imali yabashintshi, wagumbuqela amatafula;
16Wasesithi kwabathengisa amajuba: Susani lezizinto lapha; ningayenzi indlu kaBaba ibe yindlu yokuthengisela.
17Abafundi bakhe bakhumbula ukuthi kulotshiwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kungidlile.
18Base bephendula abaJuda, bathi kuye: “Usibonisa isibonakaliso sini, lokhu wenza lokhu na?
19UJesu waphendula wathi kubo: Dilizani lelithempeli, njalo ngensuku ezintathu ngiyakulivusa.
20Base bethi abaJuda: “Leli thempeli iminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uyakulivusa ngezinsuku ezintathu na?
21Kodwa yena wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe.
22Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi wayekushilo lokho kubo; basebekholwa umbhalo lelizwi uJesu alikhulumayo.
23Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo.
24Kodwa uJesu kazinikelanga kubo, ngoba ebazi bonke;
25Kwakungasweli muntu ukuthi afakaze ngomuntu, ngoba yena wayekwazi okukumuntu.

Currently Selected:

Johane 2: ZuluNT

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy