YouVersion Logo
Search Icon

EkaJokobe 4

4
EkaJokobe 4
1Zivelaphi izimpi nokulwa phakathi kwenu na? Aziphumi yini lapha ezinkanukweni zenu ezilwa ezithweni zenu na?
2Niyafisa, ningabi nalutho;
3Niyacela, kepha anikwamukeli, ngokuba nicela kabi, ukuze nikusebenzise ezinkanukweni zenu.
4Ziphingi neziphingi, anazi yini ukuthi ubungane bezwe bungubutha kuNkulunkulu? ngakho loba ngubani othanda ukuba ngumngane welizwe uyisitha sikaNkulunkulu.
5Ingabe nithi umbhalo usho ngeze ukuthi: “UMoya ohlezi kithi uhahela umhawu na?
6Kodwa ubapha umusa owengeziwe. Ngalokho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
7Ngakho zehliseleni kuNkulunkulu. Melanani noSathane, khona uyakunibalekela;
8Sondelani kuNkulunkulu, laye uzasondela kini. Hlambululani izandla nina zoni; nihlanze izinhliziyo zenu nina eninhliziyombili.
9Yibani lusizi, nilile, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukulila, nokujabula kwenu kube ukudabuka.
10Zithobeni phambi kweNkosi, njalo izaliphakamisa.
11Lingakhulumi kubi, bazalwane. Ohlambalaza umzalwane wakhe, ahlulele umzalwane wakhe, ukhuluma kabi ngomthetho, wahlulela umthetho;
12Munye ummisimthetho, onamandla okusindisa nokubhubhisa; ungubani wena owahlulela omunye na?
13Manje-ke nina enithi: Namuhla noma kusasa siyakuya emzini onjalo, futhi sihlale khona umnyaka, sithenge, sithengise, sizuze;
14Kalikwazi okuzakwenzeka kusasa. Ngoba iyini impilo yakho? Kungumhwamuko obonakala isikhashana, bese unyamalala.
15Ngokuba nifanele ukuthi: Uma iNkosi ithanda, siyakuphila, senze lokhu nalokhuya.
16Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu; konke ukuzibonga okunjalo kubi.
17Ngakho-ke kokwaziyo ukwenza okuhle kodwa angakwenzi, kuye kuyisono.

Currently Selected:

EkaJokobe 4: ZuluNT

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in

YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy