YouVersion Logo
Search Icon

KumaHeberu 12

12
KumaHeberu 12
1Ngakho-ke nathi njengoba sizungezwe ifu elingaka lawofakazi, masilahle konke okusindayo nesono esisithandela kalula, futhi masiwugijime ngokubekezela umncintiswano obekwe phambi kwethu,
2sibheke kuJesu umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu; owathi ngenxa yentokozo eyayibekwe phambi kwakhe wathwala isiphambano, edelela ihlazo, futhi usehlezi ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu.
3Ngokuba bhekani yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla engqondweni yenu.
4Anikalwi kuze kube segazini nilwa nesono.
5Senikhohliwe isiyalezo esikhuluma kini njengakubantwana sokuthi: Ndodana yami, ungadeleli ukulaya kweNkosi, ungaphelelwa amandla, lapho usolwa yiyo;
6Ngokuba iNkosi iyamlaya emthandayo, ishaye yonke indodana eyamukelayo.
7Uma nibekezelela ukulaywa, uNkulunkulu uniphatha njengamadodana; ngoba yiyiphi indodana uyise angayilayayo?
8Kepha uma ningalaywa abahlanganyela kukho bonke, niyizigqila, anisiwo amadodana.
9Futhi sinabobaba benyama yethu abasilayayo, sabahlonipha; kasiyikuzithoba kakhulu kuYise wawomoya, siphile, na?
10Ngokuba bona basilaya izinsukwana njengokuthanda kwabo; kodwa yena kube yinzuzo yethu, ukuze sihlanganyele ubungcwele bakhe.
11Kepha ukujeziswa okwamanje akubonakali kuthokozisa, kodwa kubuhlungu;
12Ngakho-ke phakamisani izandla eziwileyo namadolo axegayo;
13Nenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo, ukuze okuqhugayo kungaphambuki endleleni; kodwa kunalokho kakulaliswe.
14Landelani ukuthula nabantu bonke, nokungcweliswa, okungekho muntu oyobona iNkosi ngaphandle kwakho;
15nibhekisise kungabikho osilela umusa kaNkulunkulu; funa kumile impande yokubaba inikhathaze, kungcoliswe abaningi ngayo;
16funa kube khona isifebe, noma ohlambalazayo, njengo-Esawu owathengisa ubuzibulo bakhe ngokudla kanye.
17Ngokuba niyazi ukuthi ngasemuva esethanda ukudla ifa lesibusiso, waliwa, ngokuba akafumananga indawo yokuphenduka, nakuba ekufunisisa ngezinyembezi.
18Ngokuba anizanga entabeni ethintwa, eshiswa umlilo, nobumnyama, nobumnyama, nesiphepho,
19nokukhala kwecilongo, nokuzwakala kwamazwi; okuyizwi abalizwayo banxusa ukuba izwi lingaphinde likhulunywe kubo;
20Ngokuba babengenakukubekezelela lokho okwakuyaliwe ukuthi: Futhi uma isilwane sithinta intaba, siyakukhandwa ngamatshe, noma sigwazwe ngomcibisholo;
21Futhi umbono wawumubi kangangokuthi uMose wathi: “Ngiyesaba kakhulu futhi ngiyathuthumela.”
22Kepha nize entabeni yaseSiyoni, nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, naseviyo lezingelosi ezingenakubalwa.
23Lomhlangano omkhulu lebandla lamazibulo alotshiweyo ezulwini, lakuNkulunkulu uMahluleli wabo bonke, lemimoya yabalungileyo abapheleliswayo,
24nakuJesu umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafazwa, elikhuluma okuhle kunelika-Abela.
25Qaphelani ukuthi ningamali okhulumayo. Ngokuba uma bengaphunyukanga abamala lowo owakhuluma emhlabeni, kakhulu kangakanani thina, uma simfulathela okhuluma esezulwini;
26ozwi lakhe ngalesosikhathi lazamazamisa umhlaba, kodwa khathesi uthembisile, esithi: Ngisezakuba kanye futhi, kungeyisikho umhlaba wodwa, kodwa lezulu.
27Lelilizwi elithi: Kusezakuba kanye, litshengisa ukususwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuthi okwenziwayo, ukuze kuhlale okunganyikinywayo.
28Ngakho-ke njengoba semukela umbuso ongenakuzanyazanyiswa, masibe nomusa esingakhonza ngawo uNkulunkulu ngokwamukelekayo ngokuhlonipha nokwesaba uNkulunkulu.
29Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.

Currently Selected:

KumaHeberu 12: ZuluNT

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in