YouVersion Logo
Search Icon

IzEnzo 14

14
IzEnzo 14
1Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki.
2Kodwa abaJuda abangakholwayo babhebhethekisa abezizwe, benza izinhliziyo zabo zibe zimbi ngabazalwane.
3Ngakho bahlala isikhathi eside bekhuluma ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, yabanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo.
4Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye ngakumaJuda, abanye ngakubaphostoli.
5Kwathi sekuvele ukuhlasela kwabezizwe, namaJuda kanye nababusi babo, ukubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe;
6Sebekunanzelele lokho, babalekela eListra leDerbe, imizi yeLikawoniya, lezabelo ezizingelezeleyo.
7Basebetshumayela khona ivangeli.
8Kwakuhlezi indoda ethile eListra, ibuthakathaka ezinyaweni zayo, iyisigoga kwasesizalweni sikanina, engazange ihambe.
9Yona yamuzwa uPawuli ekhuluma, owayigqolozela, ebona ukuthi ulokholo lokusiliswa.
10Wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, uqonde ngezinyawo zakho. wagxuma, wahamba.
11Kwathi amaxuku ebona akwenzileyo uPawuli, aphakamisa ilizwi lawo, esithi ngesiLikawoniya: Onkulunkulu befana labantu behlele kithi.
12Basebembiza uBarnabasi ngokuthi nguJupitheri; loPawuli, uMerkuriyu, ngoba wayengumkhulumeli.
13Khona umpristi kaJupitheri owayephambi komuzi wakubo waletha izinkabi nemigexo yezimbali emasangweni, wafuna ukwenza imihlatshelo kanye nezixuku.
14Kwathi abaphostoli oBarnabasi loPawuli bekuzwa, baklebhula izembatho zabo, bagijimela phakathi kwexuku, bememeza;
15Athi: “Madoda, nenzelani lokho na? Lathi singabantu abanemizwa efana leyenu, sitshumayela kini ukuthi liphenduke kulezize liphenduke kuNkulunkulu ophilayo, owenza izulu lomhlaba lolwandle lakho konke okukukho.
16owathi endulo wavumela izizwe zonke ukuthi zihambe ngezindlela zazo.
17Nokho akazishiyanga engenabufakazi, ngokwenza okuhle, esinika imvula evela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa izinhliziyo zethu ngokudla nangentokozo.
18Kwaba kalukhuni ukusho lawo mazwi banqanda izixuku ukuba zingabahlabeli.
19Kwafika abaJuda bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu, banxenxa izixuku, bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi, bethi ufile.
20Kepha kwathi abafundi bemhanqile, wavuka, waya emzini; ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe.
21Kwathi sebeshumayele ivangeli kulowo muzi, sebefundise abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya;
22beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebakhuthaza ukuthi bahlale ekukholweni, lokuthi simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngokuhlupheka okukhulu.
23Sebebamisele abadala ebandleni ngebandla, bakhuleka nokuzila ukudla, babanikela eNkosini abakholwa yiyo.
24Sebedabule iPhisidiya bafika ePhamfiliya.
25Sebeshumayele izwi ePherge, behlela e-Ataliya;
26Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu emsebenzini asebewufezile.
27Sebefikile, balibuthela ndawonye ibandla, balandisa ngakho konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo, nokuthi uvulele abezizwe umnyango wokukholwa.
28Bahlala khona isikhathi eside nabafundi.

Currently Selected:

IzEnzo 14: ZuluNT

Highlight

Share

Copy

None

Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in