YouVersion Logo
Search Icon

I-Eksodusi 10:21-23

I-Eksodusi 10:21-23 ZUL20

USimakade wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho ngasezulwini ukuze kube mnyama eGibhithe, ubumnyama obuphathekayo.” UMose wayeselulela isandla sakhe ngasezulwini, kwase kuba khona isigayegaye sobumnyama izinsuku ezintathu kulo lonke iGibhithe. Abantu babengakwazi ukubonana, akekho owakwazi ukusuka endaweni yakhe izinsuku ezintathu, kodwa kubo bonke abantu bakwa-Israyeli kwakunokukhanya lapho babehlala khona.