U-Isaya 54:11-17
U-Isaya 54:11-17 ZUL59
“Wena ohluphekayo, ohlukunyeziwe ungaduduzwanga, bheka, ngiyakufaka amatshe akho abe mahle, ngizibeke izisekelo zakho ngamasafire.* Ngiyakwenza imibhoshongo yakho ngamarubi,* namasango akho ngekristalo,* nayo yonke imikhawulo yakho ngamatshe amahle. Bonke abantwana bakho bayakuba ngabafundi bakaJehova, nokuthula kwabantwana bakho kuyakuba kukhulu. Uyakumiswa ngokulunga; uyakuba kude nokucindezelwa, ngokuba awuyikwesaba, nanovalo, ngokuba aluyikusondela kuwe. Bheka, uma bebuthana, kungaphandle kwami, noma ngubani obuthanela wena, uyakuwa ngenxa yakho. “Bheka, mina ngidalile umkhandi ofutha umlilo wamalahle, azikhiphele isikhali somsebenzi wakhe; mina ngidalile futhi umchithi wokuba abhubhise. Asikho isikhali esenzelwa wena esiyakuphumelela, nalo lonke ulimi olukuvukelayo luyakwahlulelwa; lokhu kuyifa lezinceku zikaJehova nokulunga kwazo okuvela kimi, usho uJehova.





