AmaHubo 109
109
Ngezitha ezikhohlisayo
Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo.
1 Ungathuli, Nkulunkulu wokubonga kwami.
2 Ngokuba umlomo womubi nomlomo wenkohliso bawuvulile ngakimi;
bakhulumile ngami ngolimi lwamanga.
3Bangizungeza ngamazwi enzondo;
balwa nami, kungekho sizathu.
4Ngenxa yothando lwami bayangizonda,
mina ngisemkhulekweni njalo.
5 Bangibuyisele okubi ngokuhle,
nenzondo ngothando lwami.
6 Beka omubi phezu kwakhe;
makume omelene naye ngasesandleni sakhe sokunene.
7 Ekwahlulelweni kwakhe makalahlwe yicala;
umkhuleko wakhe mawube yisono.
8 Izinsuku zakhe mazibe yingcosana,
omunye athathe isikhundla sakhe.
9 Abantwana bakhe mababe yizintandane,
umkakhe abe ngumfelokazi.
10 Abantwana bakhe mababe yizintandane, baphanze,
bacele bekude nezindawo zabo ezichithekileyo.
11Umtsheleki makabambe konke anakho,
abafo baphange izithelo zomsebenzi wakhe.
12Makungabikho omenzela umusa,
futhi kungabikho ohawukela izintandane zakhe.
13 Inzalo yakhe mayinqunywe;
igama layo malesulwe esizukulwaneni esilandelayo.
14 Ububi bawoyise mabukhumbuleke kuJehova;
masingesulwa isono sikanina.
15 Mabeme phambi kukaJehova njalo,
kunqunywe isikhumbuzo sabo emhlabeni.
16Ngokuba wayengakhumbuli ukwenza umusa,
kepha wazingela umuntu odingayo nompofu
nodabukile ngenhliziyo ukuba ababulale.
17Wathanda ukuthuka,
kweza phezu kwakhe;
wayengathokozi ngesibusiso,
sahlala kude naye.
18Wagqoka ukuthuka njengesambatho,
kwangena ezibilinini zakhe njengamanzi,
nasemathanjeni akhe njengamafutha.
19Makube kuye njengesambatho asembathayo
nebhande* azibopha ngalo isikhathi sonke.
20Lokhu makube ngumvuzo wezitha, uvela kuJehova,
nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.
21 Kepha wena Jehova, Nkosi yami,
ngiphathe ngokwegama lakho;
njengokuba umusa wakho ulungile,
ngisindise.
22Ngokuba ngingodingayo nompofu;
inhliziyo yami ilimele phakathi kwami.
23 Njengethunzi eselilide ngiyamuka;
njengesikhonyane ngiyapheshulwa.
24Amadolo ami abuthakathaka ngokuzila ukudla,
nomzimba wami uswele ukukhuluphala.
25 Futhi ngaba yisihlamba kubona;
bengibheka banikina amakhanda abo.
26Ngisize, Jehova Nkulunkulu wami,
ngisindise ngokomusa wakho,
27ukuze bazi ukuthi lokhu kuyisandla sakho;
wena Jehova ukwenzile.
28Mabathuke bona, wena ubusise;
nxa bevuka, mabajabhe;
kepha inceku yakho mayithokoze.
29 Abamelene nami mabembeswe amahloni,
bagqoke ukujabha njengesambatho.
30 Ngiyakumbonga uJehova ngomlomo wami,
ngimdumise esixukwini.
31 Ngokuba uyakuma ngakwesokunene sompofu
ukumsindisa kulabo abalahla umphefumulo wakhe.
Currently Selected:
AmaHubo 109: ZUL59
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.