NgokukaMathewu 20
20
Izisebenzi zesivini
1“Ngokuba umbuso wezulu ufana nomuntu ongumninindlu owaphuma ekuseni ukuqasha izisebenzi ziye esivinini sakhe. 2Esevumelene nezisebenzi ngodenariyu* ngosuku, wazithumela esivinini sakhe.
3“Waphuma futhi ngehora lesithathu, wabona abanye bemi esigcawini, bengenzi lutho; 4nakubo wathi: ‘Yanini nani esivinini; ngiyakuninika okufaneleyo.’ 5Baya-ke.
“Waphuma futhi ngehora lesithupha nangelesishiyagalolunye, wenze njalo. 6Esephuma ngehora leshumi nanye wafumana abanye bemi, wathi kubo: ‘Nimeleni lapha usuku lonke ningenzi lutho na?’
7“Bathi kuye: ‘Ngokuba akakho osiqashileyo.’
“Wathi kubo: ‘Hambani nani, niye esivinini.’
8“Kepha selishonile, umninisivini wathi enduneni yakhe: ‘Biza izisebenzi, uzikhokhele imali yazo, uqale ngezokugcina, ugcine ngezokuqala.’
9“Kuthe befika abehora leshumi nanye, kwaba yilowo nalowo wamukela udenariyu.* 10Sekuza abokuqala, bathi bazakwamukela okukhulu; kepha nabo bamukela udenariyu* ngabanye. 11Kepha sebamukela bakhonona ngomninindlu, 12bathi: ‘Laba abokugcina basebenze ihora linye nje, ubalinganise nathi esithwalile ubunzima nesifudumezi semini.’
13“Waphendula, wathi komunye wabo: ‘Mngane, angikoni; kanti asivumelananga ngodenariyu* na? 14Thatha okwakho, uhambe; kepha ngiyathanda ukunika lo wokugcina njengawe. 15 Angivunyelwe ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Kumbe iso lakho libi, ngokuba mina ngimuhle na?’
16 “Kanjalo abokugcina bayakuba ngabokuqala, nabokuqala babe ngabokugcina.”
UJesu ukhuluma ngokuhlupheka kwakhe
(Mark. 10:32; Luk. 18:31)
17 Kwathi uJesu esezakwenyukela eJerusalema, wathatha abafundi abayishumi nambili, wagudluka nabo; besesendleleni, wathi kubo: 18“Bhekani, sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubapristi abakhulu nababhali; bazakuyinqumela ukuba ife, 19 bayikhaphele kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni; kepha ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”
UJesu ukhuza amadodana kaZebedewu
(Mark. 10:35)
20 Khona kwafika kuye unina wamadodana kaZebedewu kanye namadodana akhe; wakhuleka, wacela into kuye.
21 Yena wathi kuye: “Ufunani na?”
Wathi kuye: “Yisho ukuba lawa madodana ami amabili ahlale, enye ngakwesokunene sakho, enye ngakwesokhohlo sakho embusweni wakho.”
22 UJesu waphendula wathi: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engizakusiphuza na?”
Bathi kuye: “Singakwenza.”
23Wathi kubo: “Yebo, nizakusiphuza isitsha sami, kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo akusikho okwami ukuphana ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselwe nguBaba.”
24 Bathi ukuzwa lokho abayishumi, bazithukuthelela izelamani ezimbili. 25Kepha uJesu wababiza, wathi: “Niyazi ukuthi ababusi bezizwe bazenza amakhosi phezu kwazo, nezikhulu zazo ziphethe amandla phezu kwazo. 26 Akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu makabe yisikhonzi senu; 27nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu makabe yinceku yenu, 28 njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
UJesu usiza izimpumputhe ezimbili ukuba zibone
(Mark. 10:46)
29 Sebephuma eJeriko, isixuku esikhulu samlandela. 30Bheka, kwakuhlezi izimpumputhe ezimbili ngasendleleni; kuthe zizwa ukuthi uJesu uyadlula, zamemeza zathi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”
31Kepha isixuku sazikhuza ukuba zithule, kodwa kwayikhona zimemeza kakhulu, zithi: “Nkosi, Ndodana kaDavide, sihawukele!”
32UJesu wema, wazibiza wathi: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”
33Zathi kuye: “Nkosi, ukuba amehlo ethu avuleke.”
34UJesu waba nesihe, waphatha amehlo azo; zase zibona masinyane, zamlandela.
Currently Selected:
NgokukaMathewu 20: ZUL59
Highlight
Share
Copy
Want to have your highlights saved across all your devices? Sign up or sign in
© Bible Society of South Africa 1959, 1997. Used with permission. All rights reserved.