UJesu wamphendula wathi: “Owokuqala kuyo yonke imiyalo ngothi: Yizwa, Israyeli; INkosi uNkulunkulu wethu yiNkosi eyodwa:
Woyithanda iNkosi uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.
Owesibili ofana nawo uthi: Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.