1
UDaniyeli 7:14
Contemporary Zulu Bible 2024
Yanikwa ukubusa, nenkazimulo, nombuso, ukuze bonke abantu, nezizwe, nezilimi bayikhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayikudlula, nombuso wakhe ongayikuchithwa.
Compare
Explore UDaniyeli 7:14
2
UDaniyeli 7:13
Ngabona emibonweni yasebusuku, bheka, kwafika onjengeNdodana yomuntu namafu ezulu, weza koMdala Wezinsuku, bamsondeza phambi kwakhe.
Explore UDaniyeli 7:13
3
UDaniyeli 7:27
Umbuso, nokubusa, nobukhulu bombuso phansi kwezulu lonke kuyakunikwa abantu abangcwele boPhezukonke, ombuso wakhe ungumbuso ophakade, nakho konke ukubusa kuyakumkhonza, kumlalele.
Explore UDaniyeli 7:27
4
UDaniyeli 7:18
Kepha abangcwele boPhezukonke bayakuthatha ubukhosi, badle umbuso kuze kube phakade naphakade.
Explore UDaniyeli 7:18
YouVersion uses cookies to personalize your experience. By using our website, you accept our use of cookies as described in our Privacy Policy
Home
Bible
Plans
Videos