1
ISambulo 19:7
IsiZulu 2020
Masithokoze, sethabe, futhi simnike udumo, ngokuba umshado weWundlu ufikile, nomakoti walo uzilungiselele.
Compare
Explore ISambulo 19:7
2
ISambulo 19:16
Engutsheni yakhe nasethangeni lakhe kulotshwe igama elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.
Explore ISambulo 19:16
3
ISambulo 19:11
Ngase ngibona izulu livulekile: nanto ihhashi elimhlophe nogibele kulo, obizwa ngokuthi ngoThembekileyo noQinisileyo, uyahlulela, futhi ulwa ngokulunga.
Explore ISambulo 19:11
4
ISambulo 19:12-13
Amehlo akhe anjengamalangabi omlilo, ekhanda lakhe kukhona imiqhele eminingi, enegama elilotshiwe elingaziwa muntu, ngaphandle kwakhe uqobo. Wayembethe ingubo ecwiliswe egazini; igama lakhe nguLizwi kaNkulunkulu.
Explore ISambulo 19:12-13
5
ISambulo 19:15
Emlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali, ukuze ashaye izizwe ngayo. Uyakuzibusa ngentonga yensimbi, Yena anyathele isikhamo sewayini lentukuthelo yolaka lukaNkulunkulu uSomandla.
Explore ISambulo 19:15
6
ISambulo 19:20
Isilo sabanjwa kanye nomphrofethi wamanga owenza izibonakaliso phambi kwaso, abadukisa ngazo labo abemukela uphawu lwesilo nabakhuleka emfanekisweni waso. Labo bobabili baphonswa bephila echibini lomlilo elivutha isibabuli.
Explore ISambulo 19:20
Home
Bible
Plans
Videos