1
INumeri 21:8
IsiZulu 2020
USimakade wathi kuMose: “Zenzele inyoka enesihlungu, uyiphanyeke ensikeni. Kuyothi lowo olunywe yinyoka, lapho eyibheka, asinde.”
Compare
Explore INumeri 21:8
2
INumeri 21:9
UMose wenza inyoka yethusi, wayiphanyeka ensikeni. Kwakuthi lapho umuntu elunywe yinyoka, bese ebheka inyoka yethusi, asinde.
Explore INumeri 21:9
3
INumeri 21:5
Abantu bagxibha uNkulunkulu noMose, bathi: “Nisikhuphuleleni eGibhithe ukuba sizofela ehlane na? Akukho sinkwa, namanzi lapha, futhi sesidiniwe yilesi sinkwa esiludlana.”
Explore INumeri 21:5
4
INumeri 21:6
USimakade wathumela izinyoka ezinesihlungu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, zabaluma, kwafa abantu abaningi kwa-Israyeli.
Explore INumeri 21:6
5
INumeri 21:7
Abantu baya kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngawe nangoSimakade; sikhulekele kuSimakade ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.
Explore INumeri 21:7
Home
Bible
Plans
Videos