1
NgokukaLuka 6:38
IsiZulu 2020
Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha eziqabethweni zenu isilinganiso esihle, esigxishiweyo, sashukuziswa, sagcwala phama, ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso, nani niyakulinganiselwa ngaso.”
Compare
Explore NgokukaLuka 6:38
2
NgokukaLuka 6:45
Umuntu omuhle uveza okuhle engcebweni yenhliziyo enhle, nomubi uveza okubi engcebweni embi, ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Explore NgokukaLuka 6:45
3
NgokukaLuka 6:35
Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitshelekise ningalindele kubuyiselwa, uma nenze kanjalo uyakuba mkhulu umvuzo wenu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba Yena umnene kwabangabongiyo nababi.
Explore NgokukaLuka 6:35
4
NgokukaLuka 6:36
Yibani nesihawu, njengalokhu uYihlo enesihawu.
Explore NgokukaLuka 6:36
5
NgokukaLuka 6:37
“Ningehluleli, khona ningayukwehlulelwa; ningalahli muntu ngecala, khona ningayukulahlwa ngecala; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.
Explore NgokukaLuka 6:37
6
NgokukaLuka 6:27-28
“Kepha kinina eningilaleleyo, ngithi kini: thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, nibabusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanihlukumezayo.
Explore NgokukaLuka 6:27-28
7
NgokukaLuka 6:31
Lokhu enithanda ukuba abantu bakwenze kini nani kwenzeni kanjalo kubo.
Explore NgokukaLuka 6:31
8
NgokukaLuka 6:29-30
Lowo okushaya esihlathini, mnike nesinye, nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi. Yilowo nalowo ocela utho kuwe, muphe, nalowo okwephuca okungokwakho, ungakufuni futhi kuye.
Explore NgokukaLuka 6:29-30
9
NgokukaLuka 6:43
“Ngokuba awukho umuthi omuhle othela isithelo esibi, futhi nomuthi omubi awutheli isithelo esihle.
Explore NgokukaLuka 6:43
10
NgokukaLuka 6:44
Ngokuba yilowo nalowo muthi waziwa ngesithelo sawo. Akukhiwa amakhiwane emeveni, nezithelo zomvini azikhiwa ejikijolweni.
Explore NgokukaLuka 6:44
Home
Bible
Plans
Videos