UJobe wayesesukuma, waklebhula isembatho sakhe, waphuca ikhanda lakhe, wawela emhlabathini, wakhuleka, wathi:
“Ngaphuma ngize
esizalweni sikamame,
futhi ngizobuyela
khona ngize.
USimakade usisile,
uSimakade usethathile;
malibongwe igama likaSimakade.”
Sekwenzekile konke lokhu uJobe akazange one, akamthelanga ngehlazo uNkulunkulu.