1
NgokukaJohane 12:26
IsiZulu 2020
Uma umuntu efuna ukungikhonza, makangilandele; lapho ngikhona Mina, siyakuba khona lapho nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa.
Compare
Explore NgokukaJohane 12:26
2
NgokukaJohane 12:25
Lowo othanda ukuphila kwakhe, ulahlekelwa yikho; nozonda ukuphila kwakhe kulo mhlaba, uyakukulondela ukuphila okuphakade.
Explore NgokukaJohane 12:25
3
NgokukaJohane 12:24
Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma uhlamvu lukakolo luwela emhlabathini, lungafi, luhlala lodwa, kodwa uma lufa, luthela izithelo eziningi.
Explore NgokukaJohane 12:24
4
NgokukaJohane 12:46
Ngize emhlabeni njengokukhanya ukuba yilowo nalowo okholwa yimi angahlali ebumnyameni.
Explore NgokukaJohane 12:46
5
NgokukaJohane 12:47
“Uma umuntu ezwa amazwi ami, kodwa engawalondolozi, angimehluleli Mina, ngokuba angizanga ukuba ngehlulele umhlaba, kepha ukuba ngiwusindise.
Explore NgokukaJohane 12:47
6
NgokukaJohane 12:3
UMariya wayesethatha ingxenye yamafutha enadi, enani eliphezulu, wagcoba izinyawo zikaJesu, wazesula ngezinwele zakhe. Iphunga elimnandi lamakha lagcwalisa indlu.
Explore NgokukaJohane 12:3
7
NgokukaJohane 12:13
bathatha amagatsha esundu, baphuma bayomhlangabeza. Bamemeza bathi: “Hosana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Yebo, iNkosi yakwa-Israyeli!”
Explore NgokukaJohane 12:13
8
NgokukaJohane 12:23
UJesu wabaphendula, wathi: “Sesifikile isikhathi sokuba iNdodana yomuntu ikhazimuliswe.
Explore NgokukaJohane 12:23
Home
Bible
Plans
Videos