1
EkaJakobe 1:2-3
IsiZulu 2020
Bazalwane bami, uma nehlelwa yizilingo ezinhlobonhlobo, zithatheni ngokuthi zingukuthokoza kuphela, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.
Compare
Explore EkaJakobe 1:2-3
2
EkaJakobe 1:5
Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.
Explore EkaJakobe 1:5
3
EkaJakobe 1:19
Yazini lokhu, bazalwane bami abathandekayo, ukuthi: makube yilowo nalowo muntu asheshe ukuzwa, aphuze ukukhuluma, aphuze nokuthukuthela.
Explore EkaJakobe 1:19
4
EkaJakobe 1:4
Ukukhuthazela makube nomphumela opheleleyo, ukuze nibe ngabakhulile nabapheleleyo, nabangaswele lutho.
Explore EkaJakobe 1:4
5
EkaJakobe 1:22
Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo nje kuphela, nizikhohlisa.
Explore EkaJakobe 1:22
6
EkaJakobe 1:12
Ubusisiwe umuntu okhuthazelayo lapho elingwa, ngokuba uma esevivinyiwe uyakwemukeliswa umqhele wokuphila, iNkosi ewuthembise labo abayithandayo.
Explore EkaJakobe 1:12
7
EkaJakobe 1:17
Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.
Explore EkaJakobe 1:17
8
EkaJakobe 1:23-24
Ngokuba uma umuntu engolizwayo izwi, engesiye olenzayo, lowo ufana nomuntu obuka ubuso bakhe bemvelo esibukweni; uyazibuka, athi angahamba, akhohlwe masinyane ukuthi ubenjani.
Explore EkaJakobe 1:23-24
9
EkaJakobe 1:27
Ukukholwa okumhlophe nokungangcolisiwe phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu: ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo, nokuba umuntu azigcine engenacala lokwezwe.
Explore EkaJakobe 1:27
10
EkaJakobe 1:13-14
Makungabi bikho muntu othi uma elingwa, athi: “Ngilingwa nguNkulunkulu,” ngokuba uNkulunkulu angelingwe ngokubi, naye luqobo kalingi muntu. Kepha yilowo nalowo muntu ulingwa, ahuhwe yizinkanuko zakhe, futhi ahuheke.
Explore EkaJakobe 1:13-14
11
EkaJakobe 1:9
Umzalwane ompofu makazincome ngokuphakanyiswa kwakhe
Explore EkaJakobe 1:9
Home
Bible
Plans
Videos