Khuphukelani entabeni, nilethe izingodo, nakhe indlu, ukuze nami ngithokoze ngayo, ngihlonishwe,’ ” kusho uSimakade.
“Benilindele okuningi, kodwa niyabona-ke, nithole okuncane, lapho nikuyisa ekhaya, ngakuphephetha. Ngobani na?”
Kubuza uSimakade Wamabandla.
“Ngoba indlu yami iyincithakalo, kodwa nina niyagijima, kube yilowo nalowo endlini yakhe.