“Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningadangali ngenxa yenkosi yase-Asiriya nangenxa yesixuku ehamba naso, ngokuba mkhulu onathi kunalowo onaye. Ngamandla omuntu nje anaye, kodwa uSimakade uNkulunkulu wethu unathi ukuba asisize, alwe izimpi zethu.”
Abantu bencika emazwini kaHezekiya, inkosi yakwaJuda.