Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamise izandla ezingcwele, engenalulaka nakuphikisana.
Kanjalo-ke nabesifazane mabagqoke izingubo ezifaneleyo, bahlobe ngokuhlakanipha nokuqonda, kungabi ngezinwele ezelukiweyo, ngegolide, ngamapharele noma ngezembatho ezibizayo. Kepha okufanele abesifazane abathi bayamesaba uNkulunkulu, ukuba bahlobe ngemisebenzi emihle.