1
NgokukaMarku 14:36
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Wathi: “Aba, Baba, konke kungenzeka kuwe; ake ususe kimi lesi sitsha, kepha kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”
Compare
Explore NgokukaMarku 14:36
2
NgokukaMarku 14:38
Lindani, nikhuleke ukuba ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kepha inyama ibuthakathaka.”
Explore NgokukaMarku 14:38
3
NgokukaMarku 14:9
Ngiqinisile ngithi kini: Nomaphi lapho liyakushunyayelwa khona ivangeli ezweni lonke, kuyakukhulunywa nangalokho akwenzileyo, kube yisikhumbuzo ngaye.”
Explore NgokukaMarku 14:9
4
NgokukaMarku 14:34
Wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde.”
Explore NgokukaMarku 14:34
5
NgokukaMarku 14:22
Kwathi besadla, uJesu wathabatha isinkwa, wasibusisa, wasihlephula, wabanika, wathi: “Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami.”
Explore NgokukaMarku 14:22
6
NgokukaMarku 14:23-24
Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika; baphuza kuso bonke. Wathi kubo: “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi.
Explore NgokukaMarku 14:23-24
7
NgokukaMarku 14:27
UJesu wathi kubo: “Nonke nizakukhubeka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Ngiyakushaya umalusi, izimvu zihlakazeke.’
Explore NgokukaMarku 14:27
8
NgokukaMarku 14:42
Sukumani sihambe. Bhekani, ongikhaphelayo usesondele.”
Explore NgokukaMarku 14:42
9
NgokukaMarku 14:30
UJesu wathi kuye: “Ngiqinisile ngithi kuwe: Namhlanje ngalobu busuku, lingakakhali kabili iqhude, uzakungiphika kathathu.”
Explore NgokukaMarku 14:30
Home
Bible
Plans
Videos