1
NgokukaMarku 11:24
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Ngalokho ngithi kini: Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.
Compare
Explore NgokukaMarku 11:24
2
NgokukaMarku 11:23
Ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe kepha ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuyenzeka, uzakuba nakho.
Explore NgokukaMarku 11:23
3
NgokukaMarku 11:25
Futhi nxa nimi nikhuleka, thethelelani, uma ninamagqubu nomunye, ukuze noYihlo osezulwini anithethelele iziphambeko zenu.
Explore NgokukaMarku 11:25
4
NgokukaMarku 11:22
UJesu waphendula, wathi kubo: “Kholwani nguNkulunkulu.
Explore NgokukaMarku 11:22
5
NgokukaMarku 11:17
Wafundisa, wathi kubo: “Akulotshiwe yini ukuthi, ‘indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka yezizwe zonke’ na? Kepha nina niyenze ‘umhume wabaphangi.’ ”
Explore NgokukaMarku 11:17
6
NgokukaMarku 11:9
Ababehamba phambili nababelandela bamemeza bathi: “Hosiyana! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi.
Explore NgokukaMarku 11:9
7
NgokukaMarku 11:10
Ubusisiwe umbuso ozayo kababa uDavide. Hosiyana kweliphezulu!”
Explore NgokukaMarku 11:10
Home
Bible
Plans
Videos