1
NgokukaLuka 3:21-22
IBHAYIBHELI ELINGCWELE
Kwathi bebhapathiziwe abantu bonke, naye uJesu esebhapathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka, uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”
Compare
Explore NgokukaLuka 3:21-22
2
NgokukaLuka 3:16
uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo
Explore NgokukaLuka 3:16
3
NgokukaLuka 3:8
Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali ukuthi phakathi kini: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.
Explore NgokukaLuka 3:8
4
NgokukaLuka 3:9
Namanje izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli isithelo esihle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.”
Explore NgokukaLuka 3:9
5
NgokukaLuka 3:4-6
njengokuba kulotshiwe encwadini yamazwi ka-Isaya umprofethi ukuthi: “Izwi lomemezayo ehlane, lithi: ‘Lungisani indlela yeNkosi, nenze imikhondo yayo iqonde. Izigodi zonke ziyakugqitshwa, zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa; kuqonde izinsongansonga, nemigoxigoxi ibe yizindlela ezilelezekile; inyama yonke izakubona insindiso kaNkulunkulu.’ ”
Explore NgokukaLuka 3:4-6
Home
Bible
Plans
Videos